UMNYANGO wezeMpilo kuleli kumele uphenye ngabesifazane abanegciwane lengculazi abangu-48 abaphoqwa ukuthi bavale inzalo ezikhungweni zezempilo zikahulumeni KwaZulu-Natal naseGauteng.
Lesi ngesinye sezincomo zeKhomishini yezoLingana koBulili, iCommission for Gender Equality (CGE),ebiphenya ngezigameko zokuphoqwa kwabesifazane abanegciwane lengculazi ukuthi bavale inzalo ezibhedlela zikahulumeni kulezi zifundazwe.
Abesifazane abanegciwane lengculazi bafaka isikhalo sokuthi kwanyathelwa amalungelo abo okuzikhethela ukuthi basafuna yini ukuba nabanye abantwana, ngesikhathi besayiniswa amafomu okuthi bafuna ukuvala inzalo besatshiswa ngokuthi ngeke baluthole usizo kulezi zikhungo uma benqaba ukugcwalisa amafomu.
Isikhalo sokunyathelwa kwamalungelo alaba besifazane safakwa yiWomen’s Legal Centre imele iHer Rights Initiative (HRI), International Community of Women Living with HIV kwiKhomishini yezokuLingana koBulili eminyakeni emihlanu eyedlule.
Izolo usihlalo weKhomishini yezokuLingana koBulili uNksz Tamara Mathebula obethula umbiko eGoli, uthe ukuphoqwa kwabesifazane abanegciwane lengculazi kuphambene nomthetho olawula ukuvalwa kwenzalo kuleli.
Uqhube wathi behliswa isithunzi, baphucwa ilungelo lokuzenzela izinqumo ngemizimba yabo.
Uthe abantu besifazane abaphoqwa ukuthi bavale inzalo ezibhedlela ezingu15 zasezifundazweni ezimbili iGauteng neKwaZulu-Natal.
Ngokwezitatimende zabo ezicutshungulwe yithimba lezomthetho lale khomishini, uthe iningi labo linengcindezi.
Izibhedlela zaKwaZulu-Natal okuvela ukuthi zaphoqa abesifazane abanegciwane lengculazi ukuthi bavale inzalo kubalwa iPrince Mshiyeni Memorial, i-Addington, iStanger Provincial, iSt Mary’s KwaMagwaza, i-Edenvale, eseMgungundlovu, iLower Mfolozi , iHlabisa, iPort Shepstone Provincial, iGJ Crookes.
EGauteng izibhedlela iTambo, iTembisa, iFar East Rand, neLeratong.
Abesifazane abavalwa inzalo baKwaZulu-Natal kulo mbiko kuvela ukuthi bashiywa ngabantu ngababethandana nabo becikwa wukuthi ngeke besakwazi ukukhulelwa.
“Omunye wesifazane othi wavalwa inzalo uthe waya esibhedlela eNkandla ngoSeptemba 2011, wahlelelwa ukuthi uzobeletha ngokuhlinzwa. Ngesikhathi esezobeletha wanikwa ifomu lokuthi avale inzalo. Uma ebuza ukuthi kungani kumele avale inzalo, abasebenzi bezempilo bathi yingoba unezingane eziningi. Wanqaba ukulisayina ifomu kodwa abasebenzi bezempilo bamsabisa ngokuthi uma engayivali inzalo kungenzeka ashone,” kusho uNksz Mthebula.
Kulo mbiko iKhomishini yezokuLingana koBulili yenze izincomo zokuthi uMnyango wezeMpilo, wumkhandlu olawula ukuziphatha kwabasebenzi bezempilo iHealth Professionals Council SA (HPCSA), wumkhandlu olawulawula ukuziphatha kwabahlengikazi iSouth African Nursing Council (SANC) ukuthi baphenye ngalolu daba bese bethatha izinyathelo ezifanele.
UDkt Lwazi Manzi okhulumela uMnyango wezeMpilo kuleli, uthe uNgqongqoshe walo mnyango uDkt Zweli Mkhize usacele ukuhlangana nosihlalo wale khomishini uNksz Mathebula ukuze bakhulume ngokuqukethwe yilo mbiko.
UNkk Daphney Chuma weHPCSA, uthe nabo basawubuka lo mbiko bazophawula ngawo uma sebewucubungulile .