UHLALELE ovalweni umphakathi waseZibuse Village (Mlaba Village), eHammarsdale, kulandela izehlakalo ezimbili zokubulawa kwabantu abane ngokudutshulwa.
NgeSonto kutholakale izidumbu zabesilisa ababili zisemgwaqweni zinamanxeba okudutshulwa.
Kuvele ukuthi bangoMnuz Philani Mngwengwe noLungisani “Man” Msomi.
NgoLwesine ebusuku abafundi ababili abaneminyaka engu-21, uNondumiso Nkande obefunda uGrade 11 ePhezulu High noNonhlanhla Zondi ofunda uGrade 12 eThandaza High, bangenelwe endlini badutshulwa emakhanda.
Kuthiwa bebetadisha ngo-10 ebusuku ngesikhathi behlaselwa ngabantu abangabonwanga.
Ikhansela lakule ndawo ku-ward 4, uMnuz Malombo Nxumalo, lithe bakhathazekile kakhulu ngalesi simo nomphakathi ushaqekile.
“Kuyiqiniso impela ukuthi le ndawo isiphenduka ujombigazi njengoba kuhlaselwe amantombazane amabili kwabe sekubulawa abesilisa ababili. Lokhu kulandela isehlakalo esisanda kwenzeka lapho kubulawe abafana ababili bakwaMkhize.
Umphakathi ushaqekile futhi kunokwesaba kulandela lezi zehlakalo. Yize singazi ukuthi kungani kubulawa abantu kangaka lapha kodwa kunempi ephakiwe yezidakamizwa ezinjenge-wunga nombango wamaqembu ezigebengu oqhubekayo. Kule ndawo kunabantu abenza amacala kwezinye izindawo bese bebalekela lapha bezocasha,” kusho uNxumalo ngokukhathazeka.
UNxumalo unxuse umphakathi ukuba usebenzisane namaphoyisa futhi ungaziphindiseleli kubasolwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCaptain Nqobile Gwala, ukuqinisekisile ukuthi kuphenywa amacala amane okubulala kule ndawo.
“Kunamacala amane okubulala aphenywa amaphoyisa aseHammarsdale kulandela ukubulawa kwabantu eZibuse Village.
“Isehlakalo sokuqala senzeke ngoLwesine ebusuku. Kutholwe abesifazane abaneminyaka engu-21 bedutshulwe emakhanda. Esesibili senzeke namhlanje (ngeSonto) ekuseni. Kutholwe izidumbu zabesilisa ababili ngo-4 ekuseni.
“Izidumbu bezidindilizile eceleni komgwaqo nazo zinamanxeba okudutshulwa ekhanda nasemzimbeni. Kuyaphenywa ngembangela yokubulawa kwabo,” kusho uCaptain Gwala.
Imizamo yokuthola imindeni yamantombazane abulewe ayiphumelelanga njengoba izinombolo zokuxhumana nayo zingatholakalanga.
Udadewabo kaMsomi, uNksz Monica Msomi, izolo utshele Isolezwe ukuthi bekunomcimbi wokubonga ukufika kwesitifiketi sika-matric selinye ilungu lomndeni elabulawa ngePhasika, uMnuz Nhlakanipho Msomi, owashona singakaphumi isitifiketi sakhe sika-matric.
“Sigcinane izolo (ngoMgqibelo), kade kunomcimbi. Bekusakhanya ngesikhathi kuthiwa akucinywe umsakazo ngoba kule ndawo isimo sibi abantu bayahlaselwa.
“Namhlanje (izolo) kufike abantu bezongibikela ukuthi uMan udutshuliwe. Sifike endaweni yesehlakalo sekugcwele abantu namaphoyisa sezwa nokuthi ebusuku kuzwakele ukuqhuma kwezibhamu.
“Asinalo ulwazi lokuthi kungani ehlaselwe wabulawa ngesihluku esingaka. Siwumndeni silinde amaphoyisa ukuba athole ababulali, asazi sididekile,” kusho uNksz Msomi.
Uthe kwenzeka lesi sehlo nje akukaze kuboshwe muntu ngokubulawa komfowabo owadutshulwa ngePhasika.