SEKUBUNJWE ikomiti elizophenya ngezinsolo zokunukubezwa kwezingane ezifunda esikoleni sabaphila nokukhubazeka iVulekani Special School eMzimkhulu.
Lokhu kulandela ukugasela kukaNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Mthandeni Dlungwane, ohambele lesi sikole izolo eyophenya ngalezi zinsolo.
UDlugwane uye khona ngemuva kokuzwa izikhalo ngokunukubezwa kwabafundi, ngesikhathi kuhleli iPhalamende labakhubazekile.
Ngemuva kokuvakashela lesi sikole uDlungwane ube eseyalela ukuthi kubunjwe leli komiti ukuze liphenye ngezinsolo.
“Sihambele kulesi sikole ukuze sizobona ukuthi ngabe umsebenzi uyenziwa yini. Kuvele nezinsolo zokuthi kuhlukunyezwa izingane zethu. Sitholile ukuthi zikhona lezi zinsolo ngemuva kwezikhalo ePhalamende labakhubazekile,” kusho uDlungwane.
Isolezwe lithole ukuthi kusolwa omunye wothisha bakulesi sikole ngokunukubezwa komfundi.
Akuqali ukuthi kube nezinsolo ezifuze lezi kulesi sikole.
Kwamiswa unogada, wagcina ekhonjwe indlela ngemuva kokuvela kwezinsolo zokuthi wanukubeza abafundi ngokocansi.
Ngesikhathi kuvela izinsolo bahlanu abafundi okuthiwa babenukubezwe wunogada.
Nangesikhathi kuvakashele umkhandlu wezifundazwe wasePhalamende kulesi sikole le ndaba yokunukubezwa kwabafundi yabikwa ekomitini elalivakashile.
UDlungwane ubuye wavakashela nesinye isikole sabakhubazekile, iDaniel Mzamo Special School esaqala ukwakhiwa ngo-2014, okumanje asikapheli ukwakhiwa.
“Isikole esinengqalasizinda enhle, nginethemba ukuthi ngoFebhuwari sizosivula ukuze kufunde izingane. Sinengqalasizinda esezingeni, yingakho kumele kuhlomule izingane ngayo,” kusho uDlungwane.