ISALE inje itekisi ebandakanyeke engozini okubhubhe kuyo abantu abangu-15. Itekisi belisuka e-Easten Cape liya eKapa
Image: Sithunyelwe
KUFE abantu abangu-15 engozini yomgwaqo ebandakanya itekisi neveni eFort Beaufort e-Eastern Cape ngoMgqibelo.
Ngokusho kokhulumela uMnyango wezokuThutha kulesiya sifundazwe, uMnuz Unathi Binqose, kwabashonile kukhona abesifazane abayisishiyagalombili, abesilisa abayisithupha bese kuba nosana lwentombazane.
Uthe bayisihlanu abalimele kule ngozi.
Ngokusho kwakhe, lezi zimoto zishayisane mahlanze emgwaqweni uR63 phakathi kwe-Adelaide neMaqoma maphakathi nobusuku.
"Kuthiwa itekisi (quantum) belisuka eKing Williams Town (Qonce) lilibangise eCape Town.
Kuthiwa lishayisane mahlanze neveni eyiDouble Cab ebisuka e-Adelaide ilibangise KwaMaqoma," kusho uBinqose.
Uthe umshayeli weveni nabangu-13 ebebesetekisini, okubandakanya umshayeli wayo bafele endaweni yesigameko.
Uqhube wathi abagibeli abayisithupha ebebesetekisini belimele, baphuthunyiswe esibhedlela ukuyothola usizo, kubona kugcine kushona oyedwa.
"Njengoba kufe bobabili abashayeli, kuvulwe idokodo lokufa kwabantu emaphoyiseni ukuze kuphenywe," usho kanje.
Related Topics: