AMAPHOYISA aphenya amacala okushaya ngenhloso yokulimaza ngemuva kokuthi abasebenzi bakaMasipala weTheku bedubule ngezinhlamvu zenjoloba amalungu omphakathi aKwaMancinza eNtuzuma ngeSonto.
Abasebenzi bakaMasipala weTheku bebeyodiliza imijondolo eyakhiwe ngokungemthetho ngenkathi kusuka uthuthuva phakathi kwabo namalungu omphakathi.
Kuthiwa abasebenzi bakamasipala badubule babhekisa emphakathini ngemuva kokuthi ezame ukukhipha izimpahla emjondolo kaMnuz Mandla Mthembu obudilizwa nokuyiwo wodwa odiliziwe.
UMnuz Vuyani Mzotho osondelene noMthembu nobekhona kwenzeka isehlo, uthe laba basebenzi bebevele beqonde uMpanza njengoba kuyindlu yakhe kuphela ebhidliziwe.
“Bathe bayazi ukuthi umuzi okuhlala kuwo amalungu e-EFF lona ngakho bafuna ukusikhombisa njengoba uMthembu wayenqanqalaza phambili neqembu le-EFF ngokhetho lukazwelonke ngeledlule. Miningi imijondolo eyakhiwe kule ndawo kodwa kudilizwe owodwa,” kusho uMzotho.
Omunye olimale kulolu thuthuva, uMnuz Mlungisi Mthembu, uthe wonke umzimba wakhe ubuhlungu ngokungabekezeleleki. “Ngilimale kakhulu ekhanda, entanyeni nasengalweni. Selokhu ngishayiwe angikwazi ukulala ebusuku ngoba senginenkinga yokuphathwa yikhanda elingapheli,” kusho uMthembu (Mlungisi).
Okhulumela uMasipala weTheku, uMnuz Msawakhe Mayisela uthe abasebenzi bakamasipala bekumele bazivikele besebenzisa izinhlamvu zenjoloba ngoba umphakathi uqale udlame.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCol Thembeka Mbele, uthe amalungu omphakathi adubulekile avule amacala emaphoyiseni aseNtuzuma ngemuva kokudutshulwa ngezinhlamvu zenjoloba ngenkathi kudilizwa imijondolo kule ndawo.
“Okwamanje akekho osaboshiwe kodwa amaphoyisa aseNtuzuma ayaqhubeka nophenyo,” kusho uCol Mbhele.
Amalungu omphakathi athe azongenela umbhikisho uma umasipala uqhubeka nokudiliza imijondolo yawo kule
ndawo.