Izindaba

Uphenyo ngabafa kade begoma

Mhlengi Shangase|Published

I-South African Health Products Regulatory Authority (SAHPRA) yenza ucwaningo ngokushona kwabantu abangu-28 emuva kokugomela iCovid-19 ngemigomo iPfizer neJohnson and Johnson.

Lokhu kuvezwe yile nhlangano emhlanganweni wekomiti lezempilo ePhalamende ngoLwesithathu ebusuku.

Le nhlangano ithe abukho ubufakazi bokuthi ukushona kwalaba bantu kuhlangene nokugoma.

Isikhulu esiphezulu sale nhlangano, uDkt Boitumelo Semete-Makokotlela, sithe ngaphandle kwalaba abashonile, kubikwe nokuthi bangu-3 700 ababe nezinkinga.

Uthe ucwaningo luyaqhubeka, wathi kudingeka bazi ukuthi ngabe laba abashonile bekuhlangene yini nomgomo.

“Kuzohlolwa izidumbu, sibheke umlando womuntu nokuthi yimiphi imishanguzo nemithi abeyidla.”

USihlalo wale nhlangano, uSolwazi Helen Rees, ucacise ukuthi ulwazi luveza ukuthi abanye babantu abasheshe bagonywa ngabadala, abanezifo eziyimbelesela.

UDkt Semete-Makokotlela uthe umbiko, ngokuthi batholeni ocwaningweni labo mayelana nabakhala ngezinkinga emuva komgomo, bazowethula namhlanje uma ibamba likaNgqongqoshe wezeMpilo, uNksz Mmamoloko Kubayi, esekhuluma nabezindaba.

Amalungu ekomiti afune ukwazi ukuthi kungani bebaningi abantu abakhala ngomgomo.

Nasezinkundleni zokuxhumana abanye bakhala ngokuthi bashonelwe yizihlobo zabo emuva kokugoma.

USolwazi Rees uthe imigomo abayigunyazile iphephile ukuthi ingasetshenziswa.

Phambilini uNksz Kubayi wakugcizelela ukuthi abantu kumele bazi ukuthi noma sebegomile kodwa kumele balandele imigomo ebekiwe yokuzivikela kwiCovid-19.

Wathi uma ugomile akusho ukuthi ngeke likungene igciwane, wanxusa ukuthi uma uzizwa ukuthi uyagula, ungagomi okunalokho ubonane nodokotela ukuze akuhlole kuqala.

UDkt Nicholas Crisp, iPhini loMqondisi Jikelele eMnyangweni wezeMpilo, izolo uthe uma ugome ngePfizer, ugonywa kabili ngayo. Uthe kumele uphinde ugome emuva kwezinsuku ezingu-42 ukuze uvikeleke ngokugcwele kuleli gciwane.

Uthe uma usagome kanye, uvikeleka ukuthi noma ulithola igciwane kodwa ungaguli kakhulu bese ushona.

Uqhube wathi uma usugome kabili usuke usuvikeleke ekutheni ungabe usakwazi ukuthelela omunye ngaleli gciwane.

U-Crisp uthe imigomo yanele njengoba ngempelasonto bezothola eminye engu-900 000.

“Sihlele ukuthi ngoKhisimusi sibe sesigome abantu abangu-35 million. Ngo-Agasti sizothola eminye imigomo ngakho sinayo imigomo engathatha cishe izinsuku ezingu-10.”

Ukhale kakhulu ngezibhelu zangeledlule athe umthelela wazo uzobonakala ezinsukwini ezimbalwa ezizayo.

“Abantu abebetapa impahla bengazifakile izifonyo bathelelane ngegciwane kanti bazogula maduzane. Silahlekelwe nayithuba lokugoma abantu ababalelwa ku-300 000.”

UMengameli weSouth African Medical Research Council (SAMRC), uDkt Glenda Gray, uthe izwe lizobona kwehla isibalo sabanegciwane uma sekugome abantu abaningi.

Ngokwezibalo zakamuva, babalelwa ku-2.2 million abantu asebegome ngokugcwele, ababalelwa ku-3.8 million basathole umgomo wokuqala.

Ingaphezulu kuka-5.8 million imigomo esikhishiwe.