USERGEANT Simphiwe Sibiya waseMbongolwane, eShowe, onyamalale ngoLwesithathu ebusuku manje amaphoyisa esiteshi sale ndawo asebenzela khona acela ukufuniswa yena Isithombe: SITHUNYELWE
AMAPHOYISA aphenya ngokunyamalala kwephoyisa ebelisebenza esiteshini samaphoyisa eMbongolwane okuthiwa liduke sekusele izinsuku ezine ukuthi lishadelwe esigodini eNdikilini, eShowe.
USergeant Simphiwe Phumlani Lucas Sibiya (43), obesebenzela esiteshini saseMbongolwane, uduke ngoLwesithathu ebusuku.
Bekulindeleke ukuthi ziwushaye izolo kodwa amaphoyisa esifundazweni akhiphe isitatimende ecela ukufuniswa yena.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uCaptain Nqobile Gwala, uthe uSibiya wagcina ukubonwa unina ngo-10 ebusuku ngosuku anyamalala ngalo.
Amaphoyisa asesiteshini saseMbongolwane acela noma ubani ongaba nolwazi olungalekelela ekutholeni uSibiya ukuthi awabikele.
Kucelwa ukuthi baxhumane noWarrant Officer Hadebe enombolweni yocingo ethi: 082 459 1829 noma eyeCrime Stop ethi: 08600 10111.
Imizamo yeSolezwe yokuthola umndeni kaSibiya ayiphumelelanga izolo.
Kwesinye isigameko kusolwa ukuthi libulawelwe umshwalense obusuvuthiwe iphoyisa ebese lithathe umhlalaphansi elidutshulwe ngoyaba lwezinhlamvu esehlakalweni okuboshwe kusona abasolwa abane okukhona kubona nesihlobo salo.
Kuthiwa uthengelwe izinkabi ukuba zimbulale uMnuz Sibusiso Mbonambi (62) owayesebenza esiteshini samaphoyisa saseShowe enguWarrant Officer.
NgoLwesihlanu ngo-2 emini kuthiwa abaseshi basesiteshini samaphoyisa eMelmoth balandele umkhondo wemoto ebinegazi okubikwe ukuthi isegaraji laseShowe.
Amaphoyisa kuthiwa anikele khona afica amadoda amabili abematasa ehlanza igazi ebelisemotweni.
UCaptain Gwala uthe kuthe uma ephonswa imibuzo amadoda kwavela ukuthi abeqashiwe ukuthi ayosoconga uMbonambi.
Ulandise wathi amaphoyisa asebenze kanzima ubusuku bonke ethungatha isidumbu sikaMbonambi ebese silahlwe ehlathini eliseMakhasaneni, eMelmoth.
Isidumbu sikaMbonambi sitholwe ngabo-4 entathakusa ngoMgqibelo sinamanxeba amaningi okudutshulwa.
“Kube sekwenziwa uphenyo oluholele ekutheni kuboshwe abanye abasolwa ababili eShowe,” kusho uCapt Gwala.
Uqhube athi omunye wabasolwa uyisihlobo sikamufi, omunye wayekade engumsebenzi wesiteshi somsakazo womphakathi.
‘Uphenyo luveze ukuthi umufi ubulawe nje kungenxa yomshwalense obukade usuvuthiwe,” kusho uCapt Gwala.
Abasolwa abane abaneminyaka ephakathi kuka-28 no-38 kulindeleke ukuthi bavele enkantolo yeMantshi yaseMelmoth namhlanje ngecala lokubulala.