UMHOLI we-Economic Freedom Fighters, uMnuz Julius Malema, usegxeke impatho etholwe uMnuz Duduzane Zuma ngesikhathi evela enkantolo izolo.
UZuma ubevele enkantolo yamacala athinta imali wanikezwa ibheyili kaR100 000 ecaleni lenkohlakalo lapho esolwa ngokuthi wazama ukugwazela owayeyiPhini likaNgqongqoshe wezeziMali, uMnuz Mcebisi Jonas, ngoR600 million kodwa uJonas wawunqaba.
Izolo uMbuso ubeke uDuduzane icala lenkohlakalo kodwa udaba olube sematheni kakhulu ezinkundleni zokuxhumana ukuvela kwakhe efakwe ozankosi ezinyaweni, okuvame ukwenziwa uma kuvela abasolwa ababhekene namacala abucayi.
Umbuzo obuhamba phambili ezinkundleni ngowokuthi ufakelweni ozankosi ngaloluya hlobo ekubeni kunguye ozinikele emaphoyiseni.
Ekhuluma nentatheli yeSABC ngoLwesibili uMalema uthe uDuduzane usezoba yiqhawe kuleli ngoba abantu bazozwelana naye ngenxa yendlela aphathwe ngayo.
"Akumele senze abantu okungenzeka ukuthi baphule umthetho amaqhawe ngenxa yendlela esibaphatha ngayo. Buka into eyenzeke kuDuduzane. Namhlanje uDuduzane uyiqhawe ngenxa yendlela aphathwe ngayo enkantolo. Abantu baseNingizimu Afrika bayazwelana nabantu ababukeka engathi bayizisulu. Akumele sihlasele abantu okungenzeka ukuthi bayizigebengu ngendlela ezobaphendula amaqhawe," kusho uMalema.
Uqhube waveza nokuthi kumele abantu abasolwayo balandelelwe kuphela uma sekunobufakazi obanele ukuthi babhekane nengalo yomthetho enkantolo.
"Kunomehluko phakathi kwepolitiki necala elisenkantolo. Enkantolo kumele uveze ubufakazi obungashiyi ungabazane ngezinsolo umsolwa abekwa zona. UMalema ufike abange umsindo abange umsindo, bese beyagxuma abeNPA ngisho bengenabo ubufukazi. Ngakho kumele sikwazi ukukuhlukanisa lokhu kokubili. Sizoqhubeka sibange umsindo ngezinto esizisolayo kodwa oKlebe neNPA akumele badudwe ngabakuzwa ePhalamende. Kumele baqhubeke bona bayofuna ubufakazi, uma sebebutholile kumele baphathe abasolwa ngendlela ngoba ukungakwenzi lokhu kubaphendula amaqhawe," kuphetha uMalema.
Icala likaDuduzane lihlehliselwe uJanuwari 24 wonyaka ozayo ngoba kusaqhubeka uphenyo.