KUSOLWA ubudedengu bamaphoyisa asesiteshini saseZinqoleni, ePort Shepstone ngesigameko lapho umphakathi ushaye waze wabulala owesilisa kubo egcekeni ngoLwesibili.
UMnuz Sthembiso Mehlwana (37) uphelele phambi komzali wakhe. Ubekade esolwa umphakathi ngokuthi ubulale unina wengane yakhe eneminyaka emine, uNksz Anele Mbambo (24).
Lo wesifazane akwaziwa noma usaphila yini njengoba kuthiwa wanyamalala ngoLwesithathu oludlule.
Umndeni wowesifazane uthi uMehlwana ubehamba etshela abantu ukuthi ubulele unina wengane yakhe.
Abomndeni bathi bawabikelile amaphoyisa lokhu kodwa athi abenele lobu bufakazi yize kuphinde kwatholakala iselula yakhe kumufi.
UNksz Nombulelo Mbambo ongudadewabo wowesifazane onyamalele, uthe kuthe esebanjwe umphakathi umufi, wabatshela ukuthi umbulele unina wengane yakhe kodwa wabayisa ngapha nangapha sekumele aveze isidumbu.
“Amaphoyisa agcine ngokubuza kumsolwa ukuthi ukephi udadewethu wathi umbulele wamgqiba enkulisa eseDlovinga. Kubhekiwe lapho nakwezinye izindawo abezisho wangatholakala, ase emshiya kanjalo,” kusho uNksz Mbambo.
Udalule ukuthi ngoLwesibili umphakathi ube usuqoqana waqhuba uMehlwana ngenduku kuthungathwa uNksz Mbambo.
Lo mndeni uthi uphatheke kabi ngoba usele nengane eneminyaka emine, abazali bayo abasekho, futhi ubulewe umuntu obekade ezowunikeza izimpendulo.
UMnuz Ronnie Khomo ogusihlalo weCommunity Policing Forum (CPF), uthe bakhathazekile ngalesi sigameko esenzeke esigodini saseMbeni futhi abahambisani nokuthi umphakathi uziphindiselele.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa athole umbiko ngomuntu osebulewe eMbeni anikela khona.
“Afice isidumbu sendoda eneminyaka- engu-37 sinamanxeba okushaywa emzimbeni,” kusho uConst Ngcobo.