UNOBHALA-JIKELELE we-ANC, uMnuz Ace Magashule, uphikile ukuthi ubuholi obuphezulu bukhungethwe yinkinga yokungabumbani njengoba kunezinsolo ezithi kukhona ababopha itulo lokuketula uMengameli Cyril Ramaphosa engqungqutheleni, iNational General Council (NGC) ngoJuni nonyaka.
UMagashule ubekhuluma nabezindaba eCenturion, eGauteng, emhlanganweni weNEC.
NgoLwesihlanu, i-ANC ibe nomhlangano weNEC ngaphambi kokuba ibe nelekgotla nezithunywa zikahulumeni namadlelandawonye izolo.
“Sihlale siyibuka imibiko yabezindaba. Kawukho umdonsiswano okhona. Sibe nomhlangano omuhle weNEC wokuqala unyaka futhi uhambe kahle. Umengameli ubuye wayigcizelela kithina sonke indaba yokwakha izwe elikwaziyo ukuzimela wakhuluma ngobumbano,” kusho uMagashule.
Uthe isigungu esiphezulu sisazokwethula kabanzi izinhlelo zeqembu zalo nyaka.
“Izinto esizogxila kuzona kuzoba ngokwethulwa wumengameli enkulumweni yakhe ngoJanuwari 8 eNorthern Cape, sizogxila endabeni yomnotho, ukubheka ukusebenza kwamabhizinisi kahulumeni nokubheka udaba lokubuyiswa komhlaba ngokusebenzisana namadlelandawonye,” kusho uMagashule.
Uthe uhulumeni kumele azethule zonke izincomo ezenziwa engqungqutheleni eyayiseNasrec ngo-2017.
“Sithi * -2020, wunyaka wokwethula zonke izincomo neziphakamiso ezenziwa,” kusho uMagashule.
Uthe enye into abazoyibheka yindaba yokhetho lohulumeni basekhaya nokushoda kokuhanjiswa kwezidingo komasipala.
“Sibonile ngesikhathi sisemigwaqweni yaseNorthern Cape, kuqhume amapayipi endle kugcwele udoti yonke indawo, sithi ngeke sizivumele izinto ezinjena, kukhona okufanele bathathelwe izinyathelo,” kusho uMagashule.
Ethula inkulumo yakhe kwiJanuwari 8, uRamaphosa waxwayisa izisebenzi zikahulumeni ezingaziphethe kahle wathi zizothathelwa izinyathelo.
URamaphosa wathi izisebenzi zabo, ikakhulukazi komasipala zizoqashwa ngelokhozi ukusebenza kwazo.