KUKHALWA nxa zonke ngokushona ngokuzuma kukasomabhizinisi ophinde abe ngumnikazi wamaqembu ebhola eMgungundlovu ovele waphathwa yikhanda, ngoMsombuluko.
UMnuz Sizwe Gwala (38), onenkampani ehlela imicimbi ikakhulukazi kahulumeni, iXolisisizwe Trading and Project, ushonele ekhaya emuva kokuxinwa yikhanda.
UGwala obebambe elikhulu iqhaza nasekuthuthukisweni kosomabhizinisi abancane edolobheni laseMgungundlovu ubephinde abe yisikhulu samaqembu ebhola amabili iJuventus FC edlala kwiProvincial ABC Motsepe League neSizwe FC edlala kwi-SAB SAFA eMgungundlovu Regional League. Kulawa maqembu ubeqoqa abantu abasha ebagqugquzela ukuba bagxile kwezemidlalo bayeke izidakamizwa.
Okhulumela umndeni, uMnuz Para Zondi uthe ukudlula emhlabeni kukaGwala kubethuse kakhulu.
“Akuwona umndeni wakwaGwala kuphela olahlekelwe kepha umphakathi waseMgungundlovu wonkana ulimele njengoba uSizwe ubengumuntu wabantu. Kukhalwa nxazonke ngokushona kwakhe,” kusho uZondi.
Imininingwane ngokufihlwa kukaGwala ibisahlelwa.