UNGQONGQOSHE weMfundo ePhakeme, uNkk Naledi Pandor, uthe kumele sande isibalo sabesifazane abaphethe ezikhungweni zeMfundo ePhakeme.
UNkk Pandor uthe kumele sandiswe nesibalo sabesifazane abamnyama abafundile ngoba sincane kakhulu.
“Abesifazane kumele babe sezikhundleni ezikhungweni zemfundo. Indaba yezinguquko akuyona nje kuphela eyokuthi kwandiswe izitshudeni ngokuvula amathuba kodwa kumele kwande nabamnyama abasezikhundleni,” kusho uNkk Pandor.
Ukusho lokhu ekhuluma engqungqutheleni yezinguquko ezikhungweni zemfundo ephakeme eGoli. Uthe alwenele uhlelo lokwenza izinguquko ezikhungweni zemfundo.
“Kudingeka sibe nezingxoxo nazo zonke izinhlaka kwezemfundo ephakeme. Kumele kulezi zingxoxo kube khona izitshudeni, imikhandlu elawula izikhungo nezinye izinhlaka. Kumele kube nezinguquko ohlelweni lokufunda nokufundisa,” kusho uNkk Pandor.
Uthe kunezikhungo ezinazo zonke izidingo kube nalezo ezizibona zingenazo zonke izidingo.
“Izinselelo esisabhekene nazo ngukuthi senza kanjani ukuthi izikhungo zibe yinto eyodwa. Kumele senze izinguquko kodwa singalahli isiko lesikhungo.”
Uthe abafundi abaqhamuka ezikoleni obekungakhulunywa kuzona isiNgisi babhekana nenkinga uma sebefika ezikhungweni.
“Bafika bengaqondi babhekane nenkinga yokungakwazi ukuxhumana ngendlela nezikhungo ngoba kukhulunywa isiNgisi. Abakwazi ukumelana nendaba yokuthi akukhulunywa ulimi abalujwayele.”
Uthe kumele kube khona izinhlelo zokuthi basizwe abebefunda kuleso sikole.
Uqhube wathi ikomiti elibhekele izinguquko kumele lingenelele lisize ezinkingeni ezinqinda ukuthi kube nezinguquko ezikhungweni.
“Izinguquko akukhona nje ukuthi kumele sibe nesibalo esikhulu sezitshudeni ezimnyama ezifunda ezikhungweni zemfundo. Sidinga izikhungo zisebenzisane nekomiti lezinguquko emnyangweni kube nezinhlelo zokulungisa isimo esenzeka ngesikhathi sobandlululo.”