UMBANGO wamathenda eCoastal College, eMbumbulu usuholele ekutheni imali enguR43 million okumele ngabe isetshenziselwe ukulungisa ikolishi ihlale ingasetshenziswa.
Lokhu kushiwo nguNgqongqoshe weMfundo ePhakeme neSayensi, uDkt Blade Nzimande ngesikhathi evakashele ikolishi izolo.
Uthe uzifikele ezozizwela izinkinga ezikhungethele ikolishi, kulandela ukubulawa komphathi wophiko lwengqalasizinda, uMnuz Lindinkosi Mazibuko emasontweni amabili edlule.
Ngaphambi kwalokhu kudutshulwe izitshudeni ezintathu kwashona uSmanga Zulu, ezimbili zisesibhedlela.
Uthe izinkinga zekolishi ubevele ezazi kodwa sezifike esigabeni sokuthi kubulawe abantu okuyinto abona sengathi izobeka engcupheni inhloso yekolishi yokucija izitshudeni.
“Kunabantu abafuna ukudla ikolishi baliphendule isidleke sokwenza imikhuba yabo engcolile. Namhlanje ngizwe okungaphezulu kwalokhu ebengikwazi. Kuvela ukuthi abaphathi abezwani okuholela ekutheni kungasebenzeki. Kuneminyaka emine umbiko wezimali wekolishi umubi. Abophiko lwezezimali bafihlela umcwaningi ulwazi oludingekayo, abenze lokho abenziwa lutho. Ikolishi aliphephile kunopotsho yonke indawo, abantu abangasebenzi nabangafundi kuleli kolishi bayangena bayaphuma kulo, indawo yokuhlala engaphakathi ihlala abantu abangahlanganise lutho nekolishi.”
Uthe okunye okuvele emhlanganweni abenawo izolo kukhomba umnyango wakhe ngokungalungi kwezinto.
“Nathi kumele sizinuke amakhwapha ngezincwadi ezingafiki ngesikhathi, ama-laptop nemali yokuxhasa izitshudeni ephuma esikhwameni esibaxhasayo, iNational Students Financial Aid Scheme (NSFSAS),” kusho yena.
Uthe akuthole namhlanje usayokwetshisa akucubungule bese ethatha isinqumo.
“Ngizokwenza isibonelo ngaleli kolilishi asikwazi ukuvumela ukuthi ikolishi lilawulwe yizigebengu. Abasebenza ngaphakathi abahlangene nazo bazojeza. Abathintekayo ekubulaweni kwabantu bazobhekana nengalo yomthetho, uma sekubulawana kumele kungene amaphoyisa.”