BAZOFUNDA ngendlela yobuchwepheshe besimanje abafundi baseMgungundlovu abagixabezwe ngezinsiza nengqalasizinda yokufunda esezingeni eliphezulu. UNgqongqoshe weMfundo ePhakeme, iSayensi nezobuChwepheshe kuleli, uDkt Blade Nzimande udlulisele ngokusemthethweni izinsiza kufunda zesimanje kwiCrystal Springs Primary, Asithuthuke Combined, Ingelosi Primary neJabula Combined eLidgetton ngaseHowick.
Lezi zinsiza kubalwa kuzo amatablets, amakhompuytha ahambisana namarobhoti ezobuchwepheshe. UDkt Nzimande ugqugquzele abafundi ngokubaluleka kwemfundo waphinde wabakhumbuza nangalowo owayengumengameli wokuqala wentandoyenini uDkt Nelson Mandela ongasekho emhlabeni. "Imfundo iyinjini yokuzithuthukisa ngoba iyakwazi ukuba ngisho udokotela ingane yentombazane, neyomfana ezalwa umuntu osebenza emayini iyakwazi ukufunda iziphathe emayini. Ingane yomuntu osebenza epulazini iyaba ngisho umengameli wezwe,"kusho uDkt Nzimande.
Ukusebenza ngokubambisana neMUT kusukela ngo2019 ngalolu hlelo lokusabalalisa amakhompuytha, uDkt Nzimande uthe kube usizo olukhulu. Izikole eziningi uthe zivele seziziqalile izifundo ngama khompuytha.
UDkt Nzimande uthe le mnyango njengokuhlanganiswa kwayo ilokhu iqinisekise njalo ukuthi ibeka phambili imfundo, ukuthuthukiswa namakhono ngokusabalalisa izinsiza ezithengelwa abantu. Ukuhlinzekwa kwezikole ngalolu hlobo lwengqalasizinda uthe kuzokwenza babe sezingeni lokuba nolwazi namakhono asezingeni elithuthukile.
Ephetha UDkt Nzimande uphinde wanxusa othisha nesigungu sabazali ukuthi baqinisekise ukuthi lezi zinsiza zigcinwa kahle futhi ziyanakekelwa. "Ngizolokhu ngiseduze ngibheka ukuthi luhamba kanjani lolu hlelo nabafundi benza kanjani. Siyazibongela zonke izikole ezihlabene,"kuphetha uDkt Nzimande.