UDUDUZWE wuNyazilwezulu ngokwenzelwa isidlo sasemini owesifazane owaphoxwa amaNazaretha, ngesikhathi egida nawo emashini. Kuzokhumbuleka ukuthi kunentokazi eyaxoshwa ngesikhathi amaNazaretha emasha eThekwini, emasontweni amabili edlule.
UNksz Mbali Nyandeni, obesematheni kulezi zinsuku ezedlule ngenxa yevideo emveza ekhishwa yizinhlalisuthi phakathi kwazo, uhambele eBuhleni ngoLwesine. Uthi umenywe wuNyazilwezulu, lwafike lwaxolisa ngokwenzeka kuyena ngenkathi exoshwa amalungu ebandla.
“ Ngifonelwe ubuholi obuphezulu bebandla, bungazisa ukuthi ngimenywe wuNyazilwezulu. Yize beshilo ukuthi akukho okubi engibizelwa kona eBuhleni, kodwa benginovalo. Bengizitshela ukuthi mhlawumbe bazongijikela kube nemibuzo abangibuza yona ngokwenza kwami.
“Ngendlela engifike ngaphatheka kahle ngayo, nami angikholwanga. Bangijabulele ngenzelwa isidlo sasemini. Bengihamba nomama nabazala bami futhi yibona ubuholi bamaNazaretha obusilandile lapho sihlala khona,” kusho uNksz Nyandeni.
Uthe uNyazilwezulu olumcelile ukuthi avakashele eBuhleni, luzoxolisa ngokwenzeka kuyena. Uthe lona alukwazanga ukuba yingxenye yesidlo sasemini kodwa lushiye umyalezo wokuthi luyoba naye ngelinye ilanga ngoba kukhona lapho beluphuthuma khona.
Esehamba uNksz Nyandeni, uthe uphiwe inqwaba yezipho waphinde wabuyiselwa emuva. AmaNazaretha aphinde amtshela ukuthi uma enesifiso sokuwavakashela enkonzweni, asho azomlanda wona.
UNksz Nyandeni uchazile nangezithombe zakhe ebese zisabalele kwiFacebook, kuthiwa useshadwe ngamaNazaretha njengoba ebeveze iringi ayifakwe omunye wabavangeli. Uthe bebezidlalela baze bamfaka iringi bethi bayamshada.
Okhulumela uNyazilwezulu, uMnuz Thokozani Mncwabe, uthe umholi akahambisani nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. Uthe ukuxoshwa kukaNksz Nyandeni phakathi kwamaNazaretha ngesikhathi emasha, kwakungaqondiwe okubi kodwa kungenxa yokuthi abesifazane akuvumelekile ukuthi bagide nabesilisa ebandleni.