Izindaba

Unyamalele uthishanhloko 'odlwengule’ umfundi

Nkosikhona Cele|Published

Unyamalele uthishanhloko 'odlwengule’ umfundi

AKAZIWA ukuthi ukuziphi izinkalo uthishanhloko waseChibelihle Combined School, eMpendle, osolwa ngokudlwengula umfundi kaGrade 12 emagcekeni esikole.

Ngokuthola kweSolezwe Ngempelasonto, kusolakala ukuthi lo thishanhloko udlwengule umfundi oneminyaka ewu-16 emagcekeni esikole. Kuthiwa umshayele ucingo sekuphume isikole wathi akaphuthume eze eskoleni. Lo mfundi kuthiwa ubengekho esikoleni ngalolu suku okwenze wazitshela ukuthi uthishanhloko ufuna ukukhuluma naye mayelana nokumphuthile ngalolu suku. Kuthiwa ukuthi uthe efika nje uthishanhloko wambhozomela wamwotawota maqede wazitika ngaye ngocansi kwelinye lamagumbi okufundela.

ISolezwe Ngempelasonto linenkulumo eqoshiwe lapho lo thishanhloko exolisa kulo mfundi ethi uyazisola ngokumdlwengula, akazi ukuthi ubengenwe yini.

“Angazi bengingenwe yini....ngiyazisola kakhulu. Ngizizwa ngingelutho, ngiyazinyanya kwamina. Ngicela ungazibulali bandla, ngiyakucela....,” kusho lo thishanhloko.

Eqhubeka uthembisa lo mfundi ukuthi uzomeseka nasezifundweni zakhe uma esephase uGrade 12, okumele akwenze nje wukuthi angayithi vu le ndaba.

“Ukukhombisa ukuthi ngiyazisola, ngizosula nasekubeni wuthishanhloko, sengiyile nasemahhovisi ukubazisa ngesinqumo sami. Akusangifanele ukubizwa ngothisha...ngiyihlazo kothisha.....”.

Lo mfundi uzwakala kule nkulumo egcizelela ukuthi ngeke eseza esikoleni ngenxa yalesi senzo.

“Mina ngeke ngikwazi ngisho ukukubheka ngenxa yale nto oyenze kimi...bengikwethemba njengothishomkhulu...ngiphoxekile”.

Njengamanje lo thishanhloko kuthiwa akaziwa ukuthi ukuphi, nomndeni wakhe ukhathazekile.

“Akaziwa ukuthi ushonephi, umndeni wakhe ukhathazekile. Bakhona abatshelile ngalokhu akwenze kumfundi. Lokhu kubenza bakhathazeke kakhulu, bangazi noma usaphila yini,” kusho umthombo osondelene nalolu daba.

Lo mfundi, okhulume naleli phephandaba, uthe namanje usathuthumela ngenxa yesenzo sikathishanhloko. Uthe namanje uma evala amehlo usayizwa intshebe kathishanhloko imhwaya kabuhlungu ebusweni.

“Ungiphoxile uthishomkhulu...angazi kumele ngithini,” kubalisa lo mfundi othi usewubikelile umndeni wakhe yize uthishanhloko ethe angayithi vu le ndaba.

UMnuz uDlamini (elingatholakalanga igama lakhe), ongusihlalo wekomidi lesigungu sesikole, akafunanga ukukhuluma aqonde kodwa uthe kunodaba olumqoka kakhulu abalubhungayo oseluze lwabandakanya nabahloli imbala.

Uthe okwamanje akathandi ukukhuluma ngalo, wathi kuzothi uma sekucacile kahle ukuthi kwenzakalani bese eyaphawula ngalo.

Ebuzwa ukuthi uthishanhloko usekhona yini esikoleni, uvele wathi ucela ukungaphenduli.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi, uthe bazoxhumana nalesi sikole ngokushesha, wazwakalisa okukhulu ukukhathazeka ngalolu daba.

"Akukholakali nje nhlobo ukuthi into enesihluku njengalena ingenziwa wumuntu ozibiza ngothisha. Kubuhlungu kakhulu ukuzwa ukuthi lona wuthishanhloko wesikole,'' usho kanje.

Unina wesisulu ugcizelele ukuthi ngeke balivule cala kodwa lo thishanhloko bamnikelela kuNkulunkulu kube nguyena omjezisayo. Uthe kodwa ingane yakhe ngeke isalubeka olwayo unyawo kulesiya sikole.