UPHITHENE amakhanda umndeni womfana (19) waseMondlo odukile emuva kokuvalelisa ku-Facebook ethi akasafuni ukuba “umthwalo kubantu”.
UKwanele Khumalo okulindeleke ukuthi afunde uGrade 12 nonyaka ugcinwe ukubonwa kubo ngo-Disemba 26 nyakenye.
Uyise kaKwanele, uMnuz Jetro Khumalo, oyiphoyisa, uthe akazi sekumele benze njani njengoba esebuya naseGoli ezama ukubheka indodana yakhe eyabhala ku-Facebook ukuthi izoduka nezwe.
“Siphithene amakhanda manje asazi kumele senze njani ngoba ucingo lwakhe luvaliwe kodwa kuyabonakala ukuthi uke wangena ku-Facebook. Okwenza sikhathazeke ukuthi asazi yini emenze wahamba ekhaya ngoba akazange axabane namuntu. Wayekade ecele ukusala kagogo wakhe ngoKhisimusi, wabuya ngomhlaka 26 Disemba. Ngavuka ngiya emsebenzini ngomhlaka 27 Disemba ekuseni ngizitshela ukuthi bakhona bonke abantu. Uma ngibuya bangitshela ukuthi uKwanele akekho ekhaya. Kukhona abangani bakhe ake wabatshela ukuthi useGoli , sengiphuma khona ukuyobheka kodwa lutho. Asazi noma usentshontshwe abantu,” kusho uKhumalo.
UMBHALO kaKwanele ekhasini lakhe la-Facebook ngaphambi kokuba aduke
Umbhalo obonwe Isolezwe okuthiwa ubusekhasini lakhe laku-Facebook ubhalwe kanje ngesiNgisi: “Ngiyazi uma ngingasadingeki, yingakho nje maduze ngizophuma ngiphele empilweni yabantu. Ngeke besaphinde bezwe lutho ngami. Ngikhathele ukuba umthwalo womunye umuntu.”
Uyise uthe lo mbhalo abawuqondi ngoba indodana yakhe ayikaze ikhale ngokuthi iwumthwalo ngoba inoyise nonina.
Uthe ukulahleka kwendodana yakhe kumphathe kabi unina njengoba evele waquleka waphuthunyiswa kudokoteka.
,” kusho uKhumalo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele uthe amaphoyisa aseVryheid avula icala lokulahleka komfana, uthe basamthungatha. Abanolwazi kucelwe bexhumane nesiteshi samaphoyisa
esiseduze.