USALE ushaqekile umphakathi waseMachobeni eNanda kulandela ukuthelwa ngoyaba lwezinhlamvu kukathisha, uNkk Slindile Lushaba uMaButhelezi, nomyeni wakhe, uMfu Lushaba (elingatholakalanga igama lakhe).
Isolezwe lithole ukuthi uNkk Lushaba (38), obefundisa uGrade 4 eMatikwe Primary, uqhululwe ngentululwane yezinhlamvu ezingu-24 kwathi uLushaba (38) yena wathelwa othulini ngezintathu. Lesi sigameko senzeke phambi kwezingane zabo ngoMsombuluko.
Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uCaptain Ntathu Ndlovu, usiqinisekisile lesi sigameko.
UCaptain Ndlovu, uthe amaphoyisa aseNanda aphenya icala lokubulawa kwabantu ababili nelokubanjwa kwenkunzi emzini oseMachobeni "lapho izidumbu ezimbili okungesendoda nesowesifazane, okukholakala ukuthi baneminyaka ewu-38, zitholwe zidindilizile ngaphakathi endlini.
Uthe kusolwa ukuthi amadoda amabili angaziwa angene endlini maqede aqhulula ngenhlamvu ebhekise kubagilwa futhi antshontsha ezinye izimpahla ngaphambi kokukhala amaphepha endaweni yesigameko.
Ngokusho komthombo, uNkk Lushaba noMfu Lushaba bebesenonyaka beyizakhamuzi eMachobeni, futhi bebengakaqedi ngisho unyaka bebophe ifindo likasofasilahlane.
Kunezinsolo zokuthi ababulali bebefuna kakhulu uNkk Lushaba njengoba kunguye odutshulwe ngezinhlamvu eziningi kunobaba wasekhaya.