NKOSIKHONA CELE
UNENGEKILE futhi ufuna ubulungiswa owesifazane waseMelmoth, enyakatho yeKwaZulu Natal, odonswe ngamabele wahudulwa phansi ngosomatekisi becikwa ukuthi ugibele itekisi eya oLundi esikhundleni sokuba agibele eya eMelmoth.
UNkk Zinhle Mathaba uMangema uthi uyokhohlwa efile isigameko esimehlele ekuqaleni kwesonto. Uma elandisa uthi ubeya eMelmoth, uthi ugibele erenki yamatekisi eseDurban Station.
Ngenxa yokuthi ubephuthuma kakhulu, uthi uthathe isinqumo sokuba amane agibele itekisi eya oLundi ngoba ibisigcwala uma eyiqhathanisa naeyaseMelmoth yona ibikade inabagibelli ababili nje qhwaba.
“Bengiphuthuma kakhulu ngibonile ukuthi ukulinda kwami itekisi eya eMelmoth ngqo kuzongilibizasisa kakhulu. Ngibe sengigibela eya oLundi ngoba yona bese kusele kancane ukuthi igcwale,’’ echaza.
Uthi uhambe kahle indlela yonke, uthi inkinga iqale ukonakala uma esehla eMelmoth okuyilapho ahlangabezane khona nezimbila zithutha ziholwa emhlophe phambili.
Uthi uthe uma ehla nje wabonwa ngosomatekisi baseMelmoth abevile kwabahlanu.
“Bavele beza kimina bangibuza ukuthi yini edale ukuthi ngigcine ngigibele itekisi eya oLundi esikhundleni seya eMelmoth. Bathe angiphindele kuyona ngiye khona oLundi. Kuthe uma nginqaba bangidonsa ngenkani baze bangidonsa nangamabele bangihudula kabuhlungu etiyeleni ngaphindiswa phakathi etekisini eya oLundi ngenkani,’’ ebalisa.
Uthi impela lesi sehlakalo uyosikhohlwa efile uthi ubengazi ukuthi abantu bamatekisi banesihluku esikhulu kangaka.
“Ngigcine ngibuyelile etekisini egcine ingehlisa endaweni esesigangeni. Impela ibuhlungu kakhulu lento eyenze kimina,’’ echaza.
UNkk Zinhle Mathaba uthi indlela anengeke ngayo nahlukumezeke ngayo ukusa kubonwe nguyena eyovula icala emaphoyiseni. Uchaze abamhlukumezile njengamahlongandlebe angenandaba nabantu besifazane.
UMnuz Sifiso Shangase osehhovisini lenhlangano yamatekisi KwaZulu Natal usigxekile kakhulu lesi sigameko. Uthe sithunaza kakhulu isithunzi semboni yamatekisi.
“Abagibeli kumele siqinisekise ukuthi baphathwa ngendlela enesithunzi ngaso sonke isikhathi. Sifisa nje ukudlulisa isixoliso esikhulu kudadawethu lo ozithole esebhekene nesimo esingesihle ngalolu hlobo,’’usho kanje.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uColonel Thembeka Mbele usiqinisekisile isigameko. Uthe kusolakala ukuthi owesifazane uthole ukuhlukumezeka kwabesilia ngezithuba zantambama. Uthe icala livulilwe estation samaphoyisa saseMelmoth. Uthe icala liyaphenywa.