IYINDABA egudwini emalungwini omphakathi waseNdwedwe, ekamashonisa okuthiwa udilize indlu yowesilisa wakule ndawo ngoba esehluleka wukumkhokhela isikweletu.
Image: SIGCINIWE
IYINDABA egudwini emalungwini omphakathi waseNdwedwe, ekamashonisa okuthiwa udilize indlu yowesilisa wakule ndawo ngoba esehluleka wukumkhokhela isikweletu.
Isolezwe lithole ngomthombo walo osondelene nalolu daba ukuthi uMnuz Xolani Bhengu ongumashonisa owaziwayo kule ndawo, udilize indlu kaMnuz Bhubhu Nxumalo.
Akucacai kahle ukuthi yimalini uNxumalo abeyikweleta umashonisa.
Okuvelayo wukuthi bese iyiningi nje impela. Kuvela ukuthi indlu ediliziwe inamagumbi amathathu.
Umthombo osondelene noNxumalo, ongeke uvezwe, uthe bese kuphele isikhathi eside ekweleta.
Okuyikhona obese kuyinkinga kakhulu umthombo uthe wukuthi ikhadi lasebhange likaNxumalo bese lihlala kumashonisa.
Kuthiwa ngumashonisa owaqhamuka nombono wokuthi ukuze kusheshe kuphele isikweletu, kungcono ikhadi lasebhange lihlale kuyena kuze kube uyasiqeda.
UNxumalo kuthiwa wayengahambisani nalesi sinqumo, kodwa kungekho angakusho njengoba umashonisa echazwa njengondlovukayiphikiswa. Kuvela nokuthi ushonisela abantu baseNdwedwe kuphela hhayi abangaphandle kwayo.
Okunye okuvelayo wukuthi unesikhathi eside enza lo msebenzi.
''Bekuthi njalo uma kuphela inyanga umashonisa ahambe ayozikhiphela yena imali ekhadini likaNxumalo. Lokhu bese kuphele isikhathi eside kwenzeka. Kodwa uNxumalo ubehlezi ebalisa ngale nto, ekhala ngokuthi akasayiboni into ayisebenzelayo,'' usho kanje.
Uthe okuwumnyombo wokudilizwa kwendlu wukuthi uNxumalo ulishintshile ikhadi wenza elisha.
''Kuthe uma kuphela inyanga engafici lutho ebhange, umashonisa wadinwa waveva waqonda ngqo emzini kaNxumalo wafike wawudiliza,'' usho kanje.
Uthe lesi senzo sibe nonya ngoba ubezibambela imali kanti umshiye engazi ukuthi uzothathani ahlanganise nani.
Ethintwa uBhengu uvumile ukuthi babe nokungaboni ngaso linye noNxumalo.
Uthe uNxumalo wayiboleka kuyena imali yokuthenga indawo ngesikhathi ezoqala ukwakha eNdwedwe.
Uveze ukuthi akagcinanga lapho waphinde watsheleka nenye imali.
Ukuchithe njengamampunge ukuthi udilize indlu wathi yena ukhiphe uthayela.
"Kwathayela lowo wawuthengwe ngemali ayitsheleka kimina," kusho uBhengu.
Ngemuva kwesikhashana ube esebhoka ngolaka wathi intatheli mayiphume ezindabeni engaxhumene nazo futhi lolu daba ngeke alukhulume nayo.
Ube esevala ucingo engasavalelisanga.
Amaphoyisa aKwaZulu Natal kuze kwashaya isikhathi sokushicilela engaphendulanga njengoba kuthiwa kunecala elivuliwe.
Naye uNxumalo ubeshayelwa ucingo kodwa lungabanjwa.
Related Topics: