Sabelo Nsele
UMASIPALA uMgungundlovu unqunyelwe ugwayi katiki wokuthi udalule okuqukethwe umbiko wenkohlakalo ngokusetshenziswa kwezigidi zamaRandi emjahweni waminyaka yonke, iNelson Mandela Day Marathon.
Lo mbiko ohlanganiswe iSpecial Investigative Unit (SIU), kuthiwa ukhomba ngenjumbane izikhulu zikamasipala okuthiwa azizange zilandele imigudu ngesikhathi zisebenzisa imali kulo mjaho ogijinywa phakathi kwemikhandlu emibili, uMsunduzi kanye noMngeni.
Ababhikishi abazibiza ngezakhamuzi ezikhathazekile, baqonde emahhovisi omkhandlu uMgungundlovu ngoLwesihlanu lapho benikeze khona umasipala izinsuku ezine ukuthi udalule okuqukethwe umbiko.
Lezi zakhamuzi zisole ubuholi balo masipala ngokuhlala phezu kwalo mbiko okuthiwa iSIU yawuletha ngoSepthemba. Owaziwa ngokulwa nenkohlakalo uMnuz Thabiso Zulu, uthe uma umasipala ungakudaluli okuqukethwe umbiko ezinsukwini ezine, bazobhekana nolaka lwabo.
“Asinqeni ukuletha abantu abawu-7 000 lapha. Namhlanje besisalethe isexwayiso, yingakho sibancane kanje. Asazi ukuthi kungani ubuholi bomkhandlu buhlezi phezu kwalo mbiko ngoba kade wafika, kufanele engabe usuthuliwe emhlanganweni womkhandlu.”
UZulu uthe bafuna kuphenywe ubudlelwano phakathi kwezikhulu zikamasipala nenkampani yamaloli, ahlinzeka ngamanzi kulo masipala.
“Amanzi avalwa ngamabomu ukuze le nkampani izohambisa amanzi ngamaloli. Le nkampani kukhona abasebenzi nosopolitiki basemkhandlwini ebakhokhelayo.”
UZulu uthe bafuna uNdunankulu Sihle Zikalala noNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uMnuz Sipho Hlomuka, bangenelele kulolu daba. UZulu uthe bazowuqinisa umkhankaso wabo uma bengazitholi izimpendulo ezigculisayo.
“Le nkohlakalo efihlwayo sekuyisikhathi sokuthi ivele. Kubuhlungu ukubona abantu belahlekelwa yithemba kwi-ANC ngenxa yenkohlakalo. Sekuyisikhathi sokuthi abangahambisani nenkohlakalo, baziqhelananise nabenza inkohlakalo. Akuvuke unembeza.”
UMnuz Thembani Khumalo owamukele uhlu lwezikhalazo, uthe uzozidlulisela kubaholi bomkhandlu abazophendula.
Ababhikishi badlulele eMsunduzi beyokwethula uhlu lwezikhalazo.