ULUNQOBE ngamalengiso ukhetho lokuchibiyela owesilisa waseNewcastle obelungenele efakwe esikhundleni sengoduso yakhe eyavotelwa isishonile ngo-Agasti 3 okhethweni lohulumeni basekhaya.

UMnuz Siphosethu Zithulele Zulu (38) ufakwe yi-ANC ukuba ayimele okhethweni.

Ingoduso yakhe, uNksz Thembi Mbongwa (35), yayifakwe ku-ward 6 ukuba imele uKhongolose okhethweni.

UNksz Mbongwa wavotelwa eseshonile ngoba kwakungavumelekile ukuba kufakwe omunye umuntu ngokomgomo wekhomishini yezokhetho ezimele.

Wathola amavoti angu-1 800 kodwa uyise wezingane zakhe, uZulu, uthole amavoti angaphezulu kuka-2 000, okhethweni lokuchibiyela obelungoLwesithathu.

“Ngizizwa ngijabule kakhulu kodwa ngibonga umphakathi wangakithi ku-ward 6 ne-ANC abakhombise ukungeseka nokungethemba.

“Njengamanje ngizimisele ngokusebenzisana nezinhlaka zentuthuko esizobe sibheke nazo intuthuko yomphakathi ukuze siqinisekise ukuthi izidingo ziyaya
 kubantu. Empeleni bengivele ngiwumuntu obebasebenzela abantu kanti naye umama wasekhaya ongasekho ubengumuntu obewukhuthalele umphakathi ne-ANC," kusho uZulu.

Ubuye wagcizelela ukuthi bafisa ukuthi oKlebe babazise uma kukhona abakutholayo ngokubulawa kukamama wezingane zakhe.

UZulu akaphelanga amandla ngemuva kokubulawa kwengoduso yakhe kodwa wakhankasa kwagcina ngokuthi anqobe ukhetho lohulumeni basekhaya.

Ngemuva kwalokho kwathathwa isinqumo sokuthi kufakwe uZulu ukuze avale isikhala sengoduso yakhe njengoba egcine enqobe ngamalengiso.

UNksz Mbongwa wahlaselwa ngabesilisa abafika kunguMgqibelo ntambama ezihlalele noyise wezingane zakhe nazo zikhona endlini.

Nokho kuze kube yimanje akukaboshwa muntu kanti oKlebe bathi basaqhubeka nophenyo.

I-ANC inqobe ama-ward angu-13 ezifundazweni eziyisithupha kwathi iDA 
ne-EFF bathola isihlalo esisodwa komasipala abebengenele kubona ukhetho lokuchibiyela.

Kumasipala obuwaziwa ngoMnambithi kodwa osekuyi-Alfred Duma, kunqobe uNksz Thabisile Njoko obevala isikhala sikaNkk Khanyisile Ngobese-Sibisi owahlaselwa eye emcimbini weMandela Day.

UNkk Ngobese-Sibisi ubebuye ahole i-ANCWL.

Kumasipala uMuziwabantu, eHarding, ku-ward 1 kunqobe uMnuz Sonengaliphi Maphumulo we-ANC bevala isikhala sikaMnuz Bongani Skhosana owadutshulwa kuza ukhetho lwango-Agasti 3.

UMaphumulo naye ubesatshiswa ngokusocongwa waze wanikwa nabaqaphi wabalekela ekubhaceni.

Ubonakale okokuqala ngoLwesithathu ezovota ehamba nabebemqaphile.