SICHITHIWE isicelo sebheyili somculi weHip Hop uPitch Black Afro enkantolo yeMantshi eGoli ngoMsombuluko.
UPitch Black, ogama lakhe uThulani Ngcobo, usolwa ngokubulala inkosikazi yakhe uCatherine Modisane endaweni yokulala, iBed & Brealfast, eYeoville, eGoli ngoDisemba 31 nyakenye. Ubekwe necala lokuphazamisa ukusebenza komthetho.
IMantshi uPaul du Plessis ithe ngokobufakazi obusezithebeni zenkantolo, mancane amathuba okuthi uPitch Black atholwe enganacala.
“Akukhona okweNkantolo ukusho manje ukuthi unecala noma cha kodwa ngokobufakazi obuvelayo, akukho esingathi kuyisimo esiphuthumayo esikudingayo (ukuze athole ibheyili)” kusho uDu Plessis.
Ummeli kaPitch Black uthe akakholelwa ekutheni uModisane wabulawa amanxeba awathola kulandela ukulwa kwabo kwiBed & Breakfast.
Icala belilokhe lihlehliswa kulindwe udokotela ohlola izidumbu ukuthi ethule ubufakazi ngokuthi wabulawa yini uModisane.
Udokotela wombuso uveze ukuthi uModisane wabulawa ukulimala ekhanda, kodwa akakwazanga ukukusho ngaphandle kokungabaza ukuthi walimala nini ekhanda.
Esitatimendeni sakhe sokuqala emaphoyiseni, uPitch Black waveza ukuthi wamshaya uModisane, kodwa wasihoxisa lesi sitatimende. UPitch Black wathi wabona uModisane elimele ekhaya ngesikhathi ebuya endlini ekade ezikhiphile ebusuku.
Icala lihlehliselwe u-Ephreli 12. UPitch Black usazohlala esitokisini.