UGEQE amagula ngoMsombuluko ebusuku owayengunkosikazi wowayengungqongqoshe weziMali kuleli uMnuz Malusi Gigaba, uNksz Norma Mngoma, ekwikhomishini eholwa yiJaji Raymond Zondo.
UNksz Mngoma uveze ukuthi umyeni wakhe wayejwayele ukuvakashela umndeni wakwaGupta, kokunye ahambe naye.
Uveze ukuthi wayefika nezishaqana zemali uma ephuma kwabakwaGupta. Uthe abakwaGupta babexoxa nomyeni wakhe ngabantu okumele baqashwe nokumele baxoshwe emabhizinisini kahulumeni.
Uthe ngisho nomshado wabo, owacela kuR4 million banikezwa isipho semali ngumndeni wakwaGupta, wabahlelela nohambo lokuyo ngcebeleka sebeqede ukushada.
UNksz Mngoma uke wahoxa ukuba azofakaza, uthe wayesesatshiswa ngenxa yokuthi izinto ayezibhale encwadini efungelwe zase zifike kumyeni wakhe nakwabanye abantu.
“Ngiqale ukuhlangana nalo mndeni wakwaGupta ngo-2011, kuzelwe indodana yethu. U-Ajay wayefuna ukuzoyibona. Wafika eyiphathele umgexo wegolide. Wathathwa ngumyeni wami,” kusho uNksz Mngoma.
Ubuye waveza ukuthi wawuhambela umshado walo mndeni ngo-2013, baqala bayobahlangabeza esikhumulweni sezindiza iWaterkloof Airforce Base.
Uthe umyeni wakhe uma ehlangene no-Ajay Gupta babevamise ukuthi bagcine sebephikisana.
“Isikhathi esiningi uma bekhuluma ngeTransnet babegcina sebephikisana, u-Ajay efuna kuqokwe abantu abafunayo, uMalusi naye efuna abakhe. Isikhathi esiningi bebekukhuluma nokuthi kumele kuqokwe bani. AbakwaGupta bamtshela ukuthi kuzoba noshintsho. Kwa-Eskom bathi kumele kuze omunye umuntu, uMnuz Brian Dames, bathi uyahamba. Angazi kwenzeka kanjani kodwa nangempela kwaba noshintsho, kwalethwa uMnuz Brian Molefe kwa-Eskom,” kusho uNksz Mngoma.
Phakathi kwezipho athe abakwaGupta bazinika umyeni wakhe, kubalwa izimoto amaBMW.
Umyeni wakhe uthe kokunye wayesusana no-Ajay uma elokhu emtshela ukuthi: “UMengameli ungitshele ukuthi wokwenza okuthize. UMalusi wayethi yingani yena umengameli angakhulumi naye. Yingani aze athumele wena?”
Uthe wake wazibonela umyeni wakhe efika nemali, waya endlini ayisebenzisa njengehhovisi lakhe, wayikhipha imali wayitaka esisefweni.
UNksz Mngoma ufakaza nje uthunyelwe amasamanisi ngoba wayesenqaba ukufakaza, ethi kukhona angahambisani nakho ngokusebenza kwekhomishini. Ubufakazi bakhe bube yindabuzekwayo ezinkundleni zokuxhumana, abantu bephikisana ngakho.
Khonamanjalo, namhlanje nakusasa kwikhomishini kaZondo kulindeleke ukuthi kufakaze umengameli Cyril Ramaphosa. Uzobuya nangoMeyi 13 no-14 nonyaka.
Uzokhuluma ngezinto ezehlukene esayiPhini likamengameli wezwe. Uzophinde afakaze njengomengameli we-ANC.