UNINA kaThami Shobede (31) udalule ukhwantalala njengesifo ebesigulisa lo mculi owazakhela udumo kuma-Idols, asola ukuthi yiso esamqulekisa ngesikhathi ecula esiteji ngeledlule.
Ngokusho kukanina uNksz Mantombi Buthelezi (okhulume neSunday Times), uThami wangeniswa esibhedlela ukuze ahlolwe ngoLwesihlanu olwedlule ngoba ezizwa ebuthaka.
UButhelezi uthe, "Udokotela wasitshela ukuthi uphethwe ukhwantalala. Angithukanga kakhulu kepha bengingacabangi ukuthi kungaholela kulokhu. NgoMsombuluko ubesekahle kepha ngoLwesine washona."
Uqhube watshela leli phephandaba ukuthi ukugula kwendodana yakhe kungenzeka ukuthi kuqhamuke kwingcindezi yokuba nguyena kuphela osebenzayo ekhaya.
"Ubengeyena umuntu othanda ukukhuluma, ngakho bekunzima ukubona uma engekho kahle. Ubesehlala ngokuzivalela egumbini lakhe lokulala. Ngyafisa ukuthi ngabe ukhulumile nathi njengomndeni wakhe, ngiyafisa engabe ngikwazile ukumduduza. Kungekudala wangithumelela umyalezo, engitshela ukuthi uzongenza ngiziqhenye ngaye yize izinto zingamhambeli kahle okwamanje. Wayefuna ukuthi ngimethembe futhi ngakwenza lokho," kusho yena.
UThami ushonele esibhedlela iKalafong ePitoli ngoLwesine, lapho abelaliswe khona ngemva kokuquleka ecula esiteji ngesonto eledlule. Wazakhela igama ngo-2017 ngesikhathi eba ngowesibili kwisizini yesi-12 yomncintiswano womculo i-Idols SA. Yize engaphumelelanga, wakwazi ukukhipha i-albhamu yakhe esihloko sithi "Never Lost", eyamenza waqokwa kuma-awards amaningi ehlukene yamenzela negama kulo mkhakha.
Abaculi asebemkantshubomvu kulo mkhakha bebelokhu bethumele njalo amazwi enduduzo kusukela ashona uThami. UVusi Nova ubhale ekhasini lakhe lika-Instagram ethi uyazisola ngokungasebenzi noThami.
"Ngizokhumbula izingxoxo zethu zocingo, ukuthanda kwakho ukudlala, ukuhleka kwakho kodwa ikakhulu ukuhlala ndawonye. Wangicela ukuthi ngenze i-remix yengoma yakho ethi 'I love you' okuyiyona ngoma yakho engiyithandayo, ubuhleli ungifonela ungibuza ukuthi siya nini estudiyo kodwa ngilokhu ngihlehlisa," kusho umbhalo kaNova.
View this post on Instagram
Going to miss our random calls, your sarcasm, your big smile and most of all just hanging out and jamming. U asked me to feature and do a remix of your song “ I love u” which is my favourite song by u and u kept calling asking me when we were hitting the studio to record it and I kept on procrastinating.😔 Probably 1 of the things I regret doing. Never in my wildest dreams did I think we would lose u. Will do my best to celebrate your life and not be sad about your sudden departure. I Love u ntwana yam and may u rest in eternal peace.🖤
A post shared by Vusi Nova (@vusinova1) on Sep 12, 2019 at 9:41pm PDT
Umngani omkhulu kaThami naye ongumculi uLungisa Xhamela uthe: "Inhliziyo yami ibuhlungu! Benginawe kungekudala mfowethu. Silahlekelwe omunye wabaculi abanesiphiwo kakhulu kulelizwe."
View this post on Instagram
My soul is gutted!!! 😫 I was with you just the other day my brother. 💔 We have lost one of the greatest talents this country has ever produced. Gone too soon. Rest easy soldier. #RIPThami
A post shared by Lungisa Xhamela (@lungisaxhamela) on Sep 12, 2019 at 4:35am PDT