KUZOBIZWA ofakazi abangu-22 uma sekuqala ukuqulwa kwecala lokubulawa kukaNksz Ayabongwa Mjilo (23) okwatholakala isidumbu sakhe sigqitshiwe ngemuva kwendlu maqede kwaboshwa uMnuz Mfanafuthi Kunene (37).
Eyofakazi abangu-22 ihlaluke eNkantolo yeMantshi yaseThekwini, uKunene evele kule nkantolo.
Kwavela ukuthi wambulala ngokumklinya ngaphambi kokuba amgqibe esikhotheni esingemuva kwendlu, eMaotana, eNanda. Egcina ukubonakala esadla anhlamvana uNksz Mjilo kuthiwa wayekade ephuma endaweni yokudlela eseMhlanga, ngoDisemba 24.
Kwavela ukuthi wagcinwa ehamba noKunene. Kuthiwa umsolwa wabonakala esukuma emlandela umufi kade besendaweni yokudlela. Ngaphambilini kwavela ukuthi ukuze umsolwa akhalelwe ngamasongo kaSigonyela, kwalekelela kakhulu amakhamera aseCappello (indawo yokudlela), okuyiwona anikeza umkhombandlela nomkhondo emaphoyiseni.
Omele uMbuso, uMshushisi Calvin Govender, uqale watshela inkantolo ukuthi ohlangothini lwabo sebeluphothulile uphenyo mayelana nakho konke okwenzeka kuleli cala. Kube sekuvunyelwana ngokuthi icala selingadluliselwa eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngoJulayi 24, 2025. Ngalolu suku lizobe liqala liqulwa kubizwa nofakazi abehlukene.
UGovender uthe uKunene bambeke amacala amathathu - elokuthumba, elokubulala kanye nelokucisha ubufakazi njengoba umsolwa kuthiwa wayezama ukugqiba ubufakazi ngokuthi agqibe isidumbu, aze afake nosimende phezu "kwethuna".
Uthe ukholwa ukuthi ofakazi abanabo bazokwazi ukuthi balekelele inkantolo ngakho konke okudingekayo ukuze kugwetshwe umsolwa. Umsolwa ubelokhu efaka izibuko aphinde azikhiphe, abheke phansi. Ubegqoke i-jean emnyama kanye nejakhethi emnyama.
Bekukhona nonina uNkk Elizabeth Kunene (uMaZulu), obonakale eciphiza izinyembezi ngesikhathi kumenyezelwa ukudluliselwa kawaleli cala enkantolo enkulu. Esekhuluma neSolezwe uNkk Kunene uthe yonke le nto iyamhlukumeza kakhulu kangangoba usedla namaphilisi. Ugcizelele ukuthi ufisa kube nokukhumelana umlotha phakathi kwemindeni.
Uthe kubuhlungu ngoba lo omunye akasekho emhlabeni, ngeke esakwazi ukuthi azikhulumele. Uncome ubuhle bukamufi wathi wayengakujabulela ukuthi agcine eba umalokazane wakwakhe. Uqhube wathi uyabuqonda ubunzima umndeni kamufi obhekene nabo.
''Mina ngikhulele enkonzweni ngingumama wenkolo. Yingakho nje ngifisa ukuthi kube khona ukukhuluma okuba khona phakathi kwale mindeni yomibili,'' usho kanje.
UKunene wayeyimenenja yase-call centre okwakusebenza kuyo umufi.