YIZE sekuphele iminyaka kwadlula emhlabeni owayengunozinti weBafana Bafana nowe-Orlando Piarates, kodwa unina wakhe uthi namanje usamlindile unina kaKelly Khumalo ukuthi azomkhalisa ngokudlula emhlabeni kwendondana yakhe.
UNkk Ntombifuthi Meyiwa, ube nengxoxo ekhethekile noPhumlani Dube kwiYouTube, uveza ukuthi usenesilonda esophayo ngokwenzeka kwindodana yakhe, nokwenziwa abasekhweni layo langasese bengezi ukuzobakhalisa befelwe. UNkk Meyiwa obengafuni ukudalula amagama abantu uthe, bawamukela umndeni kanina wengane kaSenzo(Kelly Khumalo) kodwa awukhombisanga ukuzwelana nabo ekubeni isigameko sehla bendawonye.
" Ngeke kuthi kufe ingane yomuntu emzini wami, ngingayi ukuyobakhalisa nokwenza inengane ezelwe lapho. Akukaze kufike muntu layikhaya yize sabamukela belethe ingane. Hhayi ukuthi sasibamukela ngoba sibathanda kodwa uSenzo wayefuna sibone ukuthi ingane ngeyakhe ngempela yini. Uma sekwenzeke into enkulu kangaka ingane yami isifele emzini wabo abasezi ukuzovela. Ungumama wekhaya awusezi ukuzokhalisana nathi, uma wayesaba wayengacela amaphoyisa amphelezele," kubalisa uNkk Meyiwa.
Eqhuba uthe ingane kaSenzo, abayiphikanga futhi uyavuma ukuthi ifana naye nse njengogogo wayo. Lo mndeni uveze ukuthi kukhona nezinto eziyisiko ezazivele sezenzelwe ingane kodwa abazange besayiletha izongcwaba uyise.
Kule ngxoxo unina kaSenzo uphinde wakhala ngobubha obubahlasele bewumndeni, wacela noma ngubani wakuleli ongakwazi ukubasiza.
Uveze ukungenami kwakhe ngezikhulu zebhola ezingabonakali ngisho kungena icala likaSenzo.
“Ngisho abangani bakhe ayehlala nabo endlini, uma sicela usizo kubona bavele basibalekele. Kungathi kukhona owakhipha umyalelo wokuthi ningakhulumi nhlobo nabantu bakwaMeyiwa. Okumdidayo wukuthi uSenzo wayeboleka inqwaba yabangani bakhe imali, nabo abasayingeni indaba yethu,” kubalisa unina kaSenzo.
Ephetha uNkk Meyiwa uthe u-Ace Ngcobo uyamsiza, umphakathi weZwi Lomzansi FM uMnuz Vela Xulu, nomsakazi uMaswidi Xaba sebemthengele ihhoko namachwane ezinkukhu ukuze akwazi ukuziphilisa. Impesheni uthe yize eyihola kodwa iphelela ezandleni.
Ukugcizelelile kodwa ukuthi uyabacela abantu baseNingizimu Afrika, ukuthi bangabayekeleli babhuqwe yindlala, uthe uyacela ukuthi baphonse esivivaneni.