UMNYANGO wezeMpilo uveze ukuthi izinkomba zithi ukuhlasela kwesivuvu sesithathu seCovid-19 ngeke kube kubi ukudlula esesibili.
Lokhu kuvezwe uNgqongqoshe wezeMpilo, uDkt Zweli MKhize, ekhuluma nekomiti lezempilo ePhalamende izolo.
Uthe uyaqhubeka umsebenzi mayelana nesivuvu sesithathu.
“Okwamanje asikazi yonke into ngaso (isivuvu sesithathu), ukuthi sofika nini nokuthi sizoba sibi kangakanani. Yize kunjalo, okwamanje kusavele ukuthi ngeke sibe sibi kakhulu ngaphezu kwesivuvu sesibili,” kusho uDkt Mkhize.
Uqhube wathi: “Yize kunjalo, singathanda ukugoma abantu abaningi ngaphandle kwezinkinga ngale kokukhathazwa isivuvu sesithathu.“
Ephendula umbuzo welungu lePhalamende uDkt Mkhize, uthe kabazi isikhathi isivuvu sesithathu esingahlasela ngaso, wathi lokhu kungenzeka noma inini.
“Siyathemba ukuthi ngeke kube kubi kakhulu. Akekho ongaba nesiqiniseko, singamane sizicabangele nje. Sisilindele, uma siqhamuka sobe silindile,” kusho uDkt Mkhize.
UDkt Mkhize uthe uthanda kuqiniswe umthetho wezempilo ukuze lesi sivuvu singeke sihlasele ngokushesha futhi singeke sibe namandla.
UMqondisi Jikelele woMnyango wezeMpilo, uDkt Sandile Buthelezi, uthe balindele ukuba ukuhlasela kwesivuvu sesithathu kuhambe kancane uma kuqhathaniswa nesivuvu sesibili.
Uphinde wathi bayabhekisisa indlela igciwane elihlasela ngayo okuyiyona engakhomba ukuthi isivuvu sesithathu singahlasela nini.
“Ukuphuza ukuqala kwesivuvu sesithathu kuzosiza ukuba siqhubeke sigome abantu,” kusho uDkt Bulethezi.
Enezezela kokushiwo uDkt Mkhize, uDkt Buthelezi uthe akwaziwa ukuthi isivuvu sesithathu sizoqala nini ngenxa yokungazi ukuthi baningi kangakanani abazithola sebetheleleka ileli gciwane.
UDkt Mkhize uthe ukhathazekile ngezifundazwe ezintathu okuyiNorthern Cape, Free State neNorth West. Kuthiwa ziyakhula izibalo zabatheleleka ngaleli gciwane kulezi zifundazwe.