UNGQONGQOSHE wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, uthe bazoqala uhlelo lokusebenzisa ubuchwepheshe besimanje ukugcina ulwazi lweziguli kumakhompyutha oluzotholakala kuzo zonke izibhedlela nasemitholampilo yesifundazwe uma siyolashwa.
UNkk Simelane-Zulu uthe uhlelo i-hechathon luzoqala ukusebenza ekupheleli kukaFebhuwari ngonyaka ozayo.
Ukusho lokhu esibhedlela iNkosi Albert Luthuli eThekwini ngoMgqibelo ngesikhathi kuqala umncintiswano wezinsuku ezintathu wezitshudeni ezenza i-Information Technology (IT) okuzotonyulwa kuzo ozonikwa umsebenzi wokwenza lolu hlelo. Abazonqoba abangu-10 bazoqashwa umnyango.
Njengamanje umnyango usebenzisa uhlelo lokugcina ulwazi lwesiguli kumafayela.
“Kuthatha isikhathi eside kusafunwa ifayela lesiguli ezikhungweni zethu. Uma singabanga nenhlanhla isiguli lilahleke ifayela okusho ukuthi kumele kuqalwe phansi ifayela elisha. Lokhu kusho ukuthi ulwazi ngokugula kwesiguli luyalahleka. Udokotela oselaphayo ngaleso sikhathi akabi nesithombe esiphelele sokuthi aselaphe kanjani ngoba usuke engenalo olwazi olugcwele ngomlando wokugula kwesiguli,” kusho uNkk Simelane-Zulu.
Uthe kuba nzima uma kukhona ofaka umnyango enkantolo ngoba uthola ukuthi ifayela alisatholakali noma izinto ezibhalwe phansi azisabonakali.
“Uhlelo lokugcinwa kwemininingwane yesiguli kumakhompyutha lusiza ukwehlisa ingcingezi kwisiguli futhi kusheshe.
“Kwesinye isikhathi uthola ukuthi umuntu uya esibhedlela esiseShowe athathwe igazi. Bese kuthi emuva kwezinyanga ezimbili noma ezintathu eze eThekwini noma eMgungundlovu kumele siphinde sithathe igazi. Kanti ukube bekunohlelo olunalo lonke ulwazi lwesiguli bekuzovela ukuthi isiguli besisanda kuthathwa igazi futhi asikho isidingo sokuthi siphinde sihlolwe,” kusho uNkk Simelane-Zulu.
Uthe kudla umnyango imali enguR1 500 ukuyohlolwa igazi kwesiguli ngasinye lokhu okubenza bakhokhe kaningi uma isiguli sihlolwa igazi ezikhungweni zabo ezahlukene.
“Uhlelo lokusetshenziswa kwefayela ukugcina ulwazi lwesiguli kudla umnyango imali enkulu futhi alwanele. Ukulahleka kwefayela kusho ukuthi umlando ngesiguli uyaphela. Uhlelo olusha luzosiza umnyango neziguli,” kusho uNkk Simelane-Zulu.
Uthe bahlose ukuthuthukisa intsha ngalolu hlelo athe luzobasiza ukonga imali njengoba umnyango uyaye ukhiphe imali ecela kwisigidi wenzelwa umsebenzi yizinkampani ezizimele ngenyanga noma ngonyaka.
Bazomenyezelwa kusasa abantu abazokwenzela umnyango lo msebenzi.