UXAKWE wukukhuluma wagcina ewudikila umacekeceke wemoto abeqashelwe wona, uNgqongqoshe wezeMfundo, KwaZulu-Natal, uMnuz Kwazi Mshengu emuva kokuqubuka komsindo esolwa ngokubhubhudla imali yabakhokhi bentela.
Umsindo usuke emuva kokuvela kwezindaba ezithi uMshengu ubetetemuka ngeMercedez Benz eqashiwe futhi ikhokhelwa cishe R90 000 ngenyanga.
Umsindo udalwe wukuthi uMshengu wehla wenyuka ngemoto eqashiwe ekubeni ikhona imoto ebihamba uMnuz Mthandeni Dlungwane obephethe isikhundla phambilini.
Izimpukane eziluhlaza zithi uMshengu uyinqabile imoto ngoba babuye bangatholani kahle noDlungwane kubangwa ipolitiki. UMshengu uyilungu lesigungu esiphezulu se-ANC KwaZulu-Natal futhi unguSihalo we-ANCYL esifundazweni. UMshengu uyakuchitha lokhu umile ekutheni welulekwe ukuba angayithinti leyo moto ngenxa yokuthi ibingekho esimeni esifanele.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo ehhovisi likaMshengu, uMnuz Kwazi Mthethwa uthi sekulindwe imiphumela yophenyo ngalolu daba oseludale umsindo kangaka.
“Ugcine eyibuyisela emuva imoto ungqongqoshe ngoba kunophenyo oluqhubekayo oluzositshela ukuthi kwenzekani. Indaba yemoto yinto esingethwe yihhovisi lenhloko yomnyango, asazi kakhulu ngayo,’’ kuchaza uMthethwa.
Njengoba uMshengu esebenzisa imoto yakhe ukwenza umsebenzi womnyango, lokhu kungase kuchaze ukuthi uzokhokhelwa imali enkulu ukwedlula le ebikhokhwa ngesikhathi kuqashwe imoto ehoxisiwe.
UMshengu uqobo lwakhe ushaye izibalo wazisholo yena ukuthi uke wahamba amakhilomitha awu-8 000 nokuchaza ukuthi uma efaka isicelo senkokhelo kungaba wuR154 000 ngenyanga.
UMthethwa uthe uma uphenyo nezincomo kuveza ukuthi kukhona ongenzanga kahle, ngeke bananaze bayolandela izincomo ngoba akukho abakufihlayo ngodaba lwemoto.