OWAYENGUMSAKAZI futhi engumethuli wohlelo lomculo wesintu kwiSABC 1, uNgizwe "Zulu Charmer" Mchunu, usethathe isinqumo sokuzinikela emaphoyiseni ngoMsombuluko.
UNgizwe, owayethula iSigiya Ngengoma neRoots, uthi okumenze wafinyelela kulesi sinqumo yingoba usekhathele ukuphila njengengenyamazane ngenxa yokubalekela amaphoyisa.
"Ngizobe ngihamba nommeli wami nezinye izinsizwa. Ngifuna ukubuza uKhomishana wamaPhoyisa waKwaZulu-Natal ukuthi yiqiniso yini ukuthi ngiyafunakala nokuthi uma ngifunakala, ngifunelwani," kusho uNgizwe ngesikhathi ekhuluma kwikhasi lakhe likaFacebook iNgizwe Online namhlanje ebusuku.
Eqhuba uNgizwe uthe usabela impilo yakhe ngoba kunabantu abafuna ukumbulala. Ukhwele wadilika kuNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele, ngendlela asingathe ngayo ukubulalana kwabantu abamnyama nabomdabu baseNdiya ePhoenix, njengoba sekuphume nemiphefumulo engu-20.
Abasalanga ngaphandle olakeni lukaNgizwe oNdunankulu wakulesi sifundazwe, uMnuz Sihle Zikalala, uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa noNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko eKZN, uNkk Hlengiwe Mavimbela.
Uthe lesi sifundazwe asinaye uNgqongqoshe wezobuCiko kodwa selokhu kwagcina ngoNkk Bongiwe Moloi-Sithole oseqhoqhobele isikhundla sikaNgqongqoshe wezoLimo kulesi sifundazwe. Kwenzeka lokhu nje owayeyiNxusa lakuleli eJapan, uMnuz Thulani Dlomo unqume ukuzinikela esiteshini samaphoyisa iDurban Central namhlanje ntambama. NoRamaphosa ushilo ukuthi kukhona oboshiwe osolwa ngokuba wubhongoza wezibhelu zokutatshwa kokudla okudlule nabantu abangaphezu kuka-95 eKZN, kwabawu-11 abasahujwa ngamaphoyisa.