OWAYENGUMSAKAZI woKhozi FM, uNgizwe Mchunu uvele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseVeruvalm ngezinsolo zokushaya umkakhe, walimaza nempahla.
UNgizwe (38), ungene ebhokisini wafike wahlala phansi ngaphambi kokuyalelwa yiphoyisa ukuthi asukume.
Akuphelanga ngisho imizuzu emihlanu esebhokisini ngaphambi kokuthi icala lakhe lihlehliselwe uJuni 27.
Lokhu kungenxa yokuthi ummangali uLindi Khuzwayo (25) ubengekho enkantolo.
Kuvela nokuthi ummeli wakhe uzama ukuthi baxoxisane udaba luphele nokuyingakho udaba luhlehlisiwe ukuze uLindi aqinisekise ukuthi ufuna kuxoxwe.
UNgizwe obefake ibhantshi nojini, ubefake izibuko ephethe nekepisi ngesandla ngesikhathi engena ebhokisini.
Imantshi ibe isimyalela ukuthi akabuye eNkantolo ngo-8.30 ekuseni ngomhlaka-27, kungenjalo imali yakhe yebheyili izodliwa wuMbuso bese eyavalelwa.
Ubuzwe ukuthi uyakuqonda yini lokho noma ufuna ukutolikelwa.
“Yebo ngiyakuqonda,” kuvuma yena kancane.
Ngokwamaphepha asenkantolo uNgizwe usolwa ngokushaya umkakhe besemzini wakhe osePhoenix ngoMeyi 3 kulo nyaka.
Kwaba nengxabano ethinta utshwala uNgizwe wabe eseshaya uLindi ngesigubhu.
Kuvela ukuthi wamshaya nasemhlane waba nemihuzuko embiza ngenja nangesif+-e.
Kuthiwa ingxabano yasuswa wukuthi ummangali wacela imali kaphethroli ethi umsolwa uhlale ethi akanamali kodwa imoto igcwele utshwala.
Kusolwa ukuthi wamshaya waze wathatha isitini walimaza imoto ngaphambili ngasemalambini. Umonakalo owadaleka ulinganiselwa kuR50 000.