OWAYENGUMSAKAZI woKhozi FM, uNgizwe Mchunu, kulindeleke ukuba avele enkantolo yaseRandburg, eGoli, namhlanje.
UNgizwe uzinikele emaphoyiseni aseThekwini ngoMsombuluko.
Izolo uNgqongqoshe oBambile eHhovisi likaMengameli Cyril Ramaphosa, uNksz Khumbudzo Ntshavheni, ukuqinisekisile lokhu, wathi umsolwa ozinikele eThekwini uzovela enkantolo namhlanje.
“Abasolwa abamqoka yilaba ababhekene necala lokubhebhethekisa udlame emphakathini, abanye bavelile futhi bagcinwe ezitokisini. Balinde ukufaka izicelo zebheyili. Omunye umsolwa, ozinikele eThekwini emuva kokuba kuphume incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe, uzovela eNkantolo yaseRandburg, eGoli, kusasa (namhlanje),“ kusho uNksz Ntshavheni
UNgizwe ubhekene necala lokuhlanganisa abantu bese egqugquzela udlame emphakathini.
Kuthiwa ungomunye wabathathu ababoshelwe ukuba ngobhongoza ekubhebhethekiseni udlame kuleli njengoba bekuthathwa impahla ezitolo, zishiswa.
Le mibhikisho kuthiwa isuswe wukuboshwa kowayengumengameli kuleli, uJacob Zuma.
UNgizwe ubematasa eseNkandla ehola ngisho namabutho nomkhankaso wokuba uZuma angaboshwa.
Uke wamemezela izithangami zabezindaba ezinkundleni zokuxhumana lapho ayethi uzokhuluma ngodaba lukaZuma.
Ezinkundleni zokuxhumana bebehlukene phakathi abantu, abanye bezwelana naye ngokuboshwa kwakhe, abanye bethi ibambe ngakho.