UNINA womfundi waseRhodes uNksz Khensani Maseko, uchaze indodakazi yakhe njengonkanyezi ebizoletha impilo engcono kubantu.
Encwadini efundwe nguNksz Sandiso Maseko oyisihlobo sikaKhensani, unina kaKhensani uthe, indodakazi yakhe ibiyenza yonke into ngokuzikhandla futhi ibiletha uguquko empilweni yabantu.
"Ngesikhathi ngikusa esikoleni uyokwenza ugrade 1, waphasa ngendlela engangingayilindele. Ngakubuka ushiya izingane ngesikhathi ugijima ku-100 meter. Ubuyinkanyezi, ngisho kwamatric wawufuna ingubo enobucwebe. Wathi ufuna ukukhanya njengechandlelier. Ubuyinkanyezi ngisho eNyuvesi, uletha uguquko empilweni yabafungi ngokuzihlanganisa nepolitiki," kusho incwadi efundwe nguSandiso.
Umngcwabo kaKhensani ubuseNasrec, eGoli.
Uchaze uKhensani njengomuntu obeyisibonelo esihle ngoba nokufa kwakhe kushiye abantu bedangele futhi bedidekile.
""Ubungunobuhle, uyigugu kimi nasemndenini, abangani nomakhelwane bebeukela kuwe. Namhlanje ngibonga uNkulunkulu ngokusinika iminyaka engu-23 ukuthi ube nathi. Ngiyathemba ukuthi uNkulunkulu uzongisiza ukubhekana nalesi simo esinzima,"
UKhensani uzibulale ngoLwesihlanu oludlule ekubo eGoli.
Kuvele ukuthi uKhensani ubephila nokhwantalala emuva kokudlwengulwa yisoka lakhe nalo ebelifunda eRhodes ngoMeyi.