INHLANGANO eyenza ucwaningo ngophethroli nezezimoto, i-Automobile Association South Africa (AA) ithi abantu kufanele balindele ukuthi uphethroli ungase unyuke emuva kokuthi inhlangano ecwaninga ngomnotho iMoody’s izwakalise ukukhathazeka ngokwanda kwezindleko zikahulumeni, ezidlula imali ekhona esikhwameni sakhe (fiscal deficit).
Emuva kokuthi iMoody’s yenze lesi simemezelo ngoLwesithathu irandi liye lantenga ngisho izolo liqhubekile nokweba ngoR14.42 uma liqhathaniswa neDollar laseMelika.
Esitatimendeni i-AA ithe ukuntenga kwerandi kungase kuphazamise uzinzo olukhona kwintengo kaphethroli njengamanje bese ugcina usunyuka ngenyanga ezayo.
“Sicela abantu baqinisekise ukuthi babopha izifociya ngoba izinto ezenzeka ezimakethe zomhlaba zinomthelela ekuntengeni kwerandi eliphazanyiswa yizinto eziningi. Isimemezelo seMoody’s naso sintengise amandla erandi emuva kokuthi lintengiwe yizinkinga zelira laseTurkey.Uma irandi lintenga kusho ukuthi sithenga u-oyela ohluziwe siwuthenga ngemali enkulu bese kunyuka uphethroli. Asinaso isiqinisekiso sokuthi uphethroli uzonyuka ngenyanga ezayo kodwa sithi abantu abalindele noma yini,” kusho i-AA.
Isazi somnotho nezomthetho, uSolwazi Bonke Dumisa sithe uhulumeni kufanele akulalele okushiwo yiMoody’s ngoba yinhlangano engenzeleli uma ibheka isimo somnotho sezwe.
“Okushiwo yiMoody’s wukuthi izidingo zikahulumeni ziningi kunemali ayingenisayo. Ibalule nokuthi abasebenzi bakahulumeni bafuna ukunyuselwa amaholo ngemali eningi ekubeni uhulumeni enganayo imali. Iphinde yakhala nangesimo somkhakha wezezimali. Kufanele uhulumeni alungise isimo ngoba iMoody’s iyona yodwa ebingakasho ukuthi iNingizimu Afrika yithembekile kubatshalizimali,” kusho uDumisa.
Yize iMoody’s ithi uhulumeni akanayo imali ithe akukubi kangako ngoba uma eqhubeka nokuqoqa kahle intela isimo ngeke sibe sibi.
Ithe inethemba lokuthi ngo-2021 uhulumeni uzobe esekwazile ukuvala isikhala esikwibhajethi yakhe.
Iphinde yakhala ngokuthi isimo esenzeka ezimakethe zomhlaba nezinkinga ezinkampanini zikahulumeni ziphazamisa umnotho waseNingizimu Afrika.