IKHISHWE ngebheyili kaR10 000 indodana kasomabhizinisi waseMpunga, eMzinto esolwa ngokubulala umshayeli wetekisi obesekuphele inyanga ebanga umhlaba noyise.
UMnuz Imraan Mansoor (26) ufake isicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi yaseDududu ngoLwesithathu.
Icala kuthiwa libe selihlehliselwa uSepthemba 4, kepha uMansoor udonswe ngendlebe ukuthi angalubhadi eMzinto, ukugwema ulaka lo mphakathi.
Ubhekene necala lokubulala uMnuz Sphelele Ndlovu (36) okuthiwa umdubule washona emzini womunye womakhelwane ngemuva kwengxabano ngeledlule.
Umshana kamufi, uMnuz Nhlanhla Ndlovu (24) obeyingxenye yamalungu omndeni abehambele icala uthe umsolwa uveze ukuthi wayezivikela.
“Sishaqekile enkantolo ummeli walo mfana ethi wayezivikela.
“Uzivikela kanjani kumuntu ongaphethe sikhali wena uphethe isibhamu? Sidumele singumndeni ngoba sibona engathi udaba lokubulawa kukamalume luzophelela emoyeni.
“Kuyaxaka ukuthi sekungasuka umuntu wakwelinye izwe azobanga umhlaba nomalume ongowokuzalwa kule ndawo,” kusho uNdlovu.
Uthe basazoqhubeka balihambele icala ngoba ekugcineni bafuna ubulungiswa ngelungu labo elibulawe ngesihluku phambi kwabantu.
Uqhube wathi into ebaphatha kabuhlungu ukuthi umufi unencwadi ayithola kumkhandlu wenkosi eshoyo ukuthi indawo eyakhe.
Ngaphambilini kuvele ukuthi umufi uthenge indawo ngo-R800 esihlotsheni sakhe ngenyanga edlule, okwasuka usomabhizinisi wendawo wazombangisa yona ngesikhathi eseqala ukwakha.
Induna yaseMpunga, uMnuz Mbuyiselwa Ndlovu uthe umphakathi awuyizwa eyokuthi umsolwa ubulale umuntu wendawo kubangwa umhlaba.
“Umphakathi uthukuthele. Umngcwabo kaSphelele kwadingeka ukuthi ngiwushiye phakathi ngoba abantu basebekhuphukelwe imimoya.
“Uyazi ukuthi uma konakele endaweni abantu bokuqala abasolwayo abaholi. Angikwazanga ukuphumelela enkantolo, bengingeke ngihambe ngedwa,” kusho uNdlovu (Mbuyiselwa).