UDONSE ngendlebe abantu ukuthi bangakuzibi ukuba buhlungu komzimba uNksz Sanelisiwe Ndlovu (30) waseMgungundlovu owathola ukuthi uneCovid-19 yize umzimba wakhe wawungashisi ngokweqile.
UNksz Ndlovu wahlolwa ngoJulayi 9 imiphumela yakhe yabuya ithi uneCovid-19.
Utshele Isolezwe ukuthi ngoJulayi 7, wayengazizwa kahle kodwa wazitshela ukuthi mhlawumbe umzimba wakhe ukhathele ngakho ukuya emsebenzini kodwa wagcina eyile okwathi uma ehlolwa ukushisa kwatholakala ukuthi kumi ku-36.6.
“Ngokuhamba kosuku ngezwa ukuthi ngathi nginomkhuhlane ngaqala ukukhwehlela. Ngenhlanhla emsebenzini sihlolwa njalo ukushisa komzimba. Ngathola ukuthi sekumi ku-38.9 emini. Ngabikela umphathi wami wangihlola wathola ukuthi sekuwu-39.9 wangiyalela ukuthi angiye endlini. Kwafuthwa emsebenzini kwalandelwa yonke imigomo yeCovid-19,” kusho uNksz Ndlovu.
Ucele abantu ukuthi basheshe basukume noma ngabe baphethwe wumkhuhlane abazitshela ukuthi ujwayelekile.
“Uma umzimba ubuhlungu kufanele sisukume ngoba imizimba yethi ayibi nazo zonke izimpawu zeCovid-19. Abanye ibangena ngendlela ehlukile kunaleyo ebhalwe phansi. Abantu abangakuzibi ukuba buhlungu komzimba ngoba nakho kuyenzeka kudalwe yiCovid-19,” kusho uNksz Ndlovu.
Uthe ngosuku ayalelwa ngalo ukuthi akayozivalela ekhaya wadlula kudadewabo ongumhlengikazi wamtshela ukuthi uyozivalela ngoba usola ukuthi uneCovid-19, nodadewabo wayengathi uqalwa wumkhuhlane.
“Sanquma ukuthi sihlolele iCovid-19 imiphumela yethu yabuya ithi sinayo. Ekhaya ngihlala nabazali bami umama una-65, ubaba una-70 nezingane. Ngesikhathi ngiphethwe wumkhuhlane, ngishiselwa nomzimba ubuhlungu, abazali bami babengenazo izimpawu zeCovid-19,” kusho uNksz Ndlovu.
Uthe abazali bakhe bahlolwa nabo kwatholakala ukuthi baneCovid-19 base beyalelwa ukuthi abayozivalela ekhaya.
“Bekunzima ngoba yonke into besiyenzelwa izingane. Kuthe ngesonto lesibili ngaqala ngaba ngconywana mina kodwa ubaba nomama bagula. Baze bangeniswa ezibhedlela. Ubaba ulaliswe eGrace umama walaliswa eSt Anne’s egunjini labagula kakhulu ngoba babenenkinga yokuphefumula,” kusho uNksz Ndlovu.
Uthe uyise wayengathandi ukuya esibhedlela kodwa wamhambisa ngenkani ngoba ebona ukuthi uzonqotshwa yiCovid-19 uma bengasukumi.
Uveze ukuthi kumthathe amasonto amabili ukululama kahle kwazise uze wabuyela emsebenzini ngoJulayi 27 emuva kokuhlolwa anikwe nemiphumela eshoyo ukuthi iCovid-19 ayisekho kuye.
Ebuzwa ukuthi yini emsizile uthe akazi ngempela ngoba udokotela wakhe wamnika ama-antibiotics anikwa umuntu osuke enomkhuhlane, imithi yomkhuhlane namaphilisi ama-vitamin.
Ubebuye agqume nge-vicks, umhlonyane no-gumtree kathathu ngelanga ngesikhathi esabambeke kakhulu.
“Kubalulekile ukuthi ugqume ngoba uvuleka amaphaphu. I-Covid-19 inomkhuba wokuvala isifuba. Kuba nzima ngisho ukusuka egunjini lokulala uye endlini encane. Ngeke ngithi abantu abaphuze umhlonyane ngoba angazi kufanele baphuze isikali esingakanani kodwa ngithi abagqume ngawo, balale ngesisu ukuze baphefumule kalula. Amaphilisi ezinhlungu afana ayasiza nawo ukwehlisa ukushisa,” kusho uNksz Ndlovu.
Uthe indodana yakhe eneminyaka ewu-11 ibikhathazekile ngaye imbuza njalo ukuthi ngabe uzoshona yini kodwa ayinike ithemba ukuthi uzophila.
AbaneCovid-19 uthe kufanele bazinakekele, bazitshele ukuthi bazophila, bayeke nokubuka izindaba nezinkundla zokuxhumana ngoba kukhulunywa ngezibalo zabantu ababulawa yiCovid-19 okugcina sekudala ukhwantalala kogulayo.
Ukhale ngokuthi iCovid-19 ibahlasela kanzima asebekhulile esho nokuthi yize uyise esebuyile ekhaya kodwa akadli kahle namanje.
Unina usalele esibhedlela kodwa akasekho egunjini labaxinekile.