UPHITHENE ikhanda owesilisa wase-Avoca Hills, eThekwini, obhekene nesikweletu sikaR17 000 athi sidalwe imitha yamanzi engabali kahle.
UMnuz Sipho Mncwango (55), utshele Isolezwe ukuthi sekuphele unyaka enale nkinga yesikweletu esaqala saba uR23 000.
Uthe uyaqwasha ebusuku uma ecabanga lesi sikweletu njengoba uMasipala weTheku usumnqumele ukuthi akhokhe, ngale kwalokho uzovalelwa amanzi.
Uthe inkinga yaqala ngokuthi abone imitha yamanzi ibala ngendlela engajwayelekile, wabikela umasipala.
“Bafika ekhaya bezobheka imitha, bavuma ukuthi inenkinga. Babuye bazoyishintsha bangifakela entsha. Ngibone sekufika isikweletu esinoR23 000 samanzi. Ngaxakeka ngoba selokhu kwathi nhlo angikaze ngikhokhe ngaphezu kukaR1 200 ngenyanga,” echaza.
Uthe uzame kaningi ukuyilwa le ndaba, abakwamasipala belokhu bethi bayaphenya.
UMncwango uthe ubeqhubeka nokukhokha imali ejwayelekile ngenyanga ngesikhathi umasipala usacubungula udaba lwesikweletu.
Okumthuse kakhulu waze wazobikela iphephandaba ukuthi ngoLwesihlanu olwedlule eyokhokhela isikweletu senyanga, utshelwe ukuthi sebeqedile ukucubungula udaba lwakhe.
“Bangitshele ukuthi esikweletini sikaR17 000 sebengehlisele ngoR 1 600 kuphela.
Bathe kumele ngenze uhlelo lokusikhokha sonke isikwetu lingakapheli isonto elizayo, ngale kwalokho bazongivalela amanzi. Anginayo le mali futhi akulona iphutha lami ngoba imitha yabo ebingasebenzi. Nabo bayazi ukuthi imitha ebinenkinga okuyiyona edale lesi sikweletu kodwa abangizweli,” kusho uMncwango.
Isolezwe linayo incwadi yamanzi enalesi sikweletu sikaMncwango, athe asisamlalisi nasebusuku.
Uthe uke wavalelwa amanzi ngenxa yaso lesi sikweletu, babuye bamvulela baxolisa.
Okhulumela uMasipala weTheku uMnuz Msawakhe Mayisela uthe abavumelekile ukudingida ama-akhawunti amakhasimende abo nabezindaba.
Unxuse ukuthi uMncwango aphindele emahhovisi kaMasipala kubonakale ukuthi luzolungiswa kanjani udaba lwakhe.