USAPHITHENE amakhanda umndeni womhlengikazi waseGamalakhe obenezinyana eziyisithupha ekhulelwe otholakale ebulewe emuva kokunyamalala.
Umndeni kaNksz Nelisa Cele (30) obengumhlengikazi eGamalakhe Community Healthcare usadidekile namanje ngokutholakala kwakhe ebulewe ngoLwesihlanu olwedlule. Kuthiwa isidumbu sikaNksz Cele sitholwe yisivakashi saseGoli ebesihambele e-Oribi Gorge eduze kwasePort Shepstone eweni, sigaxele emagatsheni ezihlahla. Kusolakala ukuthi abantu abambulele bebethi basiphonsa kuleya ndawo ukuze singatholakali.
Unina, uNkk Babongile Cele, uthe balokhu bemgcine ngoLwesithathu eyoqedela izinhlelo zokuthenga imoto yakhe - ezobuya nayo. Bathukile ngesikhathi bebona kushaya uLwesine engatholakali ocingweni.
Uthe indodakazi yakhe beyingakaze ikhulume ukuthi kukhona inkinga enayo noma umuntu obeyisabisa noma ebingezwani naye.
Uthe beyijabule ngenxa yezinto ebezenzeka empilweni yayo.
“Sishaqeke ngokungaphezu kwamandla ngale nto eyenzekile. Ubejabule kakhulu ngokuthi emuva kokusebenza kwakhe usezokwazi ukuthi abe nemoto yakhe,” kusho uNkk Cele.
Ngesikhathi bezama ukumthola ocingweni ngoLwesine bengamtholi babe sebeqala besola ukuthi kukhona okungahambi kahle.
UNkk Cele uthe emuva kokumthungatha nasezibhedlela babe sebethola esiteshini samaphoyisa ePaddock ukuthi isidumbu sakhe sitholwe yisivakashi saseGoli ebesihambele e-Oribi Gorge eduze kwasePort Shepstone.
Uthe babe sebethathwa bayokhonjiswa lapho atholakale khona base beyoqinisekisa isidumbu sakhe. UNkk Cele uthe babuhlungu bewumndeni ngesehlakalo sokubulawa kukaNksz Cele. Uthe sebethembele ophenyweni lwamaphoyisa ngokutholakala kwababulali bendodakazi yakhe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokubulala emuva kokutholakala kwesidumbu sikaNksz Cele sinezibazi zokushaywa.
Uthe imbangela yokubulalwa kwakhe ayikaziwa kanti nabenzi bobubi nabo abakaziwa. Uthe amaphoyisa asaphenya.
UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongiseni Dhlomo usezwakalisa ukudabuka ngesigameko sokubulawa kukaNksz Cele.
Uzwakalise ukushaqeka nokudabuka ngokushona komuntu wesifazane ophinde abe ngumsebenzi wezempilo.
Uthe ukubulawa komsebenzi wezempilo kuhlezi kuyisimo esibuhlungu kubona njengomnyango ngoba laba bantu babekwe ukuthi benze umsebenzi wokusindisa impilo yabantu.
UNobhala weDemocratic Nursing Organisation of South Africa (Denosa) uMnuz Mandla Shabangu udlulise amazwi enduduzo emndenini wathi zibaphatha kabi izigameko zokubulawa kwabahlengikazi. Uthe ukubulawa kwabahlengikazi kugcina kuholele ekushodeni kwabasebenzi bezempilo ezikhungweni njengoba ethe namanje kusele isikhala lapho obekusebenza khona uNksz Cele.
Uthe bafisa ukuthi amaphoyisa asebenze kanzima ekutholeni labo abathinteka ekufeni kwakhe.
Kulindeleke ukuthi inkonzo yesikhumbuzo salo mhlengikazi ibanjelwe esontweni iWeseli eduze kwaseGamalakhe CHC namuhla bese yena efihlwa ngoMgqibelo.