Izindaba

Unemibuzo umndeni wesitshudeni esitholwe sifile

Zimbili Vilakazi|Published

ISITSHUDENI saseDUT, uNksz Sphesihle Duma esitholakale sifile olwandle lwaseSouth Beach Isithombe: SITHUNYELWE

UMNDENI wesitshudeni saseDurban University of Technology (DUT) esitholwe sifile olwandle lwaseSouth Beach ngoLwesine uthi miningi imibuzo onayo ngokufa kwaso.

UNksz Sphesihle Duma (23) waseSundumbili, eMandeni ubehlala eSteve Biko House okuyindawo ehlala izitshudeni. Ubenza unyaka wakhe wokugcina ezifundweni zeDrama. Kuthiwa wagcina ukubonakala ephila ngoLwesithathu.

Umndeni wakhe uze wakwazi ukuyokhomba isidumbu sakhe emakhazeni kahulumeni ngoMgqibelo emva kokuthola ukuthi kukhona owesifazane ofana nalo ebebemnameke izinkundleni zokuxhumana otholwe esefile eduze kolwandle.

Ngokusho kukanina omncane, uNksz Zinhle Madela, baqale ukusabalalisa ulwazi ngokunyamalala kukamufi ngoLwesine emva kokuthi ezinye izitshudeni abehlala nazo nazo ezingabangani bakhe zibazise ukuthi akabuyanga ngayizolo.

“Abangani bakhe bakuthole kushaqisa futhi kungafani naye ukuthi angabuyi lapho behlala khona emva kokuzikhipha ayoshaywa wumoya. Basitshele ukuthi baphinde bakhathazwa nawukuthi akazange alingene ikilasi ngoLwesine kanti kwakunama-practicals abalulekile abenziwa ngalolo suku,” kusho uNksz Madela.

Uthi baphuthume bayobika ngokunyamalala komuntu esiteshini samaphoyisa eBerea, benza amashadi, bawanameka ezinkundleni zokuxhumana, becela ukufuniswa yena.

Uthi bekungoLwesihlanu lapho bethole khona ucingo kowesifazane obayalele ukuthi abaxhumane namaphoyisa ngoba kukhona umuntu wesifazane ofana nalo abamfakile ezinkundleni zokuxhumana otholakele ngoLwesine ngasolwandle.

“Lona wesifazane usitshele ukuthi into eyenza abe nalolu lwazi ukuthi uvame ukuyogijima olwandle ngezikhathi zasekuseni, kanti ngoLwesine ukugijima kwakhe kwaqondana nokuthi kutholakale isidumbu,” kusho uNksz Madela.

Uthi nangempela bathe uma beya emakhazeni bephelezelwa amaphoyisa, bathola ukuthi uyena uNksz Duma lo oshonile.

Uthi ubengenazimpawu zokulimala kodwa ulwazi abaluthole endaweni yobumnandi abebetshele abangani bakhe ukuthi uzikhiphela kuyo lwenza babe nemibuzo ngokufa kwakhe.

“Kwi-video footage, uyabonakala efika kule ndawo ehamba nowesilisa othize. Uma sebengaphakathi bayabonakala behilizisana ngaphambi kokuba aphume ahambe. Masinyane emva kokuphuma kwakhe, owesilisa uyamlandela.”

Uthi banemibuzo yokuthi kwenzekeni ngempela lapha olwandle ngoba omunye wabaqaphi kule ndawo yobumnandi ubatshele ukuthi lona wesilisa wabuye wabuyela kule ndawo kodwa esehamba yedwa.

“Asimazi nokuthi uwubani owesilisa. Mhlawumbe bekuyisoka lakhe, asazi. Kodwa sifisa kuphenywe ngokufa kwakhe,” kusho uNksz Madela.

Uthe basalinde imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu, nayo ezolekelela kuvele ukuthi ubulawe yini.

Umndeni uveze ukuthi idokodo ngokufa kwalesitshudeni livulwe esiteshini ePhoyinti kodwa amaphoyisa aveze ukuthi alitholakali leli cala.