UNDUNANKULU wase-Eastern Cape uMnuz Oscar Mabuyane, usole umphakathi wakule ndawo ovezele abezindaba ukulahlwa kwemininingwane yamasampula yeCovid-19 atholwe ngumuntu obezilolonga kulesi sifundazwe.
Le mininingwane itholwe ilahliwe ku-N2 phakathi kweBhisho ne-East London kulesi sifundazwe.
UMabuyane ubekhuluma esithangamini sabezindaba ngoLwesibili eBhisho, mayelana nokuqhubekayo okuthinta iCovid-19 e-Eastern Cape.
Usole abasabalalise lokhu emithonjeni yezindaba nasezinkundleni zokuxhumana.
“Sesaba wumphakathi ogulayo. Bekungamele kufakwe ezinkundleni zokuxhumana lokhu,” kusho uMabuyane.
Usole nabalahle le mininingwane, wathi akazi bebecabangeni, kwazise lo msebenzi abanikezwe wona owokubheka nokugcina izimfihlo zabantu.
Uthe noma yikanjani bazokwenza uphenyo njengesifundazwe ngalokhu okwenzekile.
Kulesi sigameko iminwe eminingi ikhomba inkampani ebhekele nokuthwala le miningwane, nesikhungo esicwaninga ngokusuleleka kwabantu ngeCovid-19.
Abantu abahlala kule ndawo okutholakale kuyo le mininingwane, bakhale kakhulu ngokuphepha kwezingane zabo, njengoba abaningi bekhale ngokuthi bahlala eduze nomgwaqo ezitholakale kuwo.
Kuzokhumbuleka ukuthi lesiya sifundazwe singesinye salezo ezihamba phambili ngokusuleleka ngobuningi ngeCovid-19 kwabantu abahlala kusona.
Ngokwesigungu esibhekele izinhlelo zeCovid-19 iNational Coronavirus Command Council (NCCC), ukukhula ngamandla kwabantu abasulelekayo kulesiya sifundazwe, kudalwa wukuthi sisondelene nesase-Western Cape, okuyisona esizihola phambili ngabantu abaningi asebehaqekile.