Izindaba

Undunankulu ujoyine amakholwa kungcwatshwa uMbhishobhi uDino Gabriel

Nonkululeko Nhlapo|Published

Baphume ngobuningi babo abaholi bamabandla, amakholwa nomphakathi kuvaleliswa uMbishobhi Dino Gabriel

Image: Leon Lestrade

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz uThami Ntuli, uhlanganyele namakholwa kanye nomphakathi wonkana ekuhlonipheni ongasekho uMbhishobhi Dino Gabriel.

Le nkonzo ububanjelwe eDurban Exhibition Centre eThekwini kusukela ngo-10 ekuseni.

UGabriel uthazwe njengenceku kaNkulunkulu ezinikele kanye nomholi ohlonishwa kakhulu ebandleni.

Undunankulu uMnuz uThami Ntuli nesikhulu zikahulumeni emngcwabeni kaMbhishobhi Dino Gabriel

Image: KZN Gov

Ekhuluma emgcwabeni uNtuli uncome lo Mbhishobhi obesethathe umhlalaphansi ngokuba indoda eqotho nezinikele enkonzweni, ukubuyisana, nempilo engcono kubantu baKwaZulu-Natal.

"Ebandleni ubengumfundisi othembekile. Esifundazweni ubengumuntu okwazi ukuhlanganisa abantu. Kwabaningi ubengubaba womoya oshumayela ukuthula, ithemba, nokuphilisana. Ifa lakhe lizoqhubeka kubantu abaningi abathintile," kusho uNdunankulu uNtuli.

Umbhishobhi u-Dino Gabriel ukhunjulwa ngokuzinikela  kwakhe ngokuphelele ekukholeweni, iqhaza lakhe ekwakheni ubunye, kanye nothando lwakhe lokuthuthukisa umphakathi.