OKHULUMELA i-EFF obuye abe yilungu layo ePhalamende, uDkt Mbuyiseni Ndlozi usola uNgqongqoshe wezokuThutha kuleli uMnuz Fikile Mbalula ngokukhohlisa umphakathi ngobuchwepheshe bezindiza athi bulwa nezifo.
Esithangamini nabezindaba izolo uMbalula uthe izindiza zivumelekile ukulayisha zigcwale ngoba zifakwe iHigh Effeciency Particulate Air filter (Hepa) engawabheki amagciwane.
"Ibhanoyi alifani netekisi, uma undiza amahora amabili iHepa iyawabulala amagciwane okubalwa kuwo neCovid-19,” kusho uMbalula obephawula kulolu daba kulandela izikhalo zabemboni yamatekisi ngokungavunyelwa ukuthatha u-100% wabagibeli.
Ebhala ekhasini lakhe kuTwitter ngoLwesibili, uNdlozi ucele incazelo kuMbalula athe akushoyo akuhambisani nemigomo ebekwe yiWorld Health Organization eveza ukuthi kuyingozi ukugcwalisa izindiza ngesikhathi sobhubhane.
"Mbalula ngicela sikhulume ngenkulumo yakho ebidukisa izolo yokuthi iHepa iyawadla amagciwane okubalwa kuwo neCovid-19, okuyisizathu sokuthi izindiza zidedelwe zilayishe u-100%. Uma kunjalo iphume ngani iCovid-19 eWuhan? Ifike ngani eNingizimu Afrika? Owokuqala owasuleleka ngaleli gciwane wafika kuleli ngetekisi noma ngebhanoyi? kubuza uNdlozi.
%%%twitter https://twitter.com/MbalulaFikile?ref_src=twsrc%5Etfw">@MbalulaFikilehere is an interesting report on infections inside planes. If HEPA was useful in preventing infections within a plane, how come WHO insist on social distancing even inside planes? https://t.co/s0PuHS1qpY pic.twitter.com/IJ4Sp98lDw
— Mbuyiseni Ndlozi (@MbuyiseniNdlozi)
UNdlozi uhamba emazwini eSouth African National Taxi Council (Santaco) nayo eyazwakalisa izikhalo ngokuvunyelwa kwamabhanoyi ukuthi alayishe agcwale ekubeni amatekisi abekelwe umthamo ka-70% kuphela wabagibeli. NgoMsombuluko abamatekisi baqale ukugcwalisa mfi amatekisi abo baphinde baveza ukuthi ngeke bakhiphe phemithi uma behambele ezinye izifundazwe.