ISIKHWISHIKHWISHI seMaritzburg United, uSphesihle “Mbesuma” Ndlovu, sithi imibiko esihlanganisa neMamelodi Sundowns siyayiziba ngoba sisenenkontileka neTeam of Choice.
Ngesikhathi uNdlovu ehlabana ngomklomelo wokuba ngumdlali osemncane ovelele emcimbini wePremier Soccer League (PSL) ngasekupheleni kwesizini edlule, umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso “Jingles” Mosimane, wayengawuvali umlomo ngaye. Kwavela ukuthi waze waba nengxoxo ekhethekile naye emncoma ngebhola lakhe elihle, esho nokusho ukuthi ungomunye wabadlali abanekusasa elihle.
“Ukukhuluma kuyohleze kukhona kepha okubalulekile wukuthi ngikwazi ukumelana nalokho kukhuluma. Mina ngingumdlali weMaritzburg United futhi ngisakujabulela ukuyidlalela. Umqeqeshi wethu, uFadlu Davids, uhleze esiluleka ngokuthi singabi ngothathekile, kufanele silinde isikhathi esifanele,” kusho uNdlovu.
Ubehambele umcimbi wokwethulwa kweSAB League Under 21 National Championships eMoses Mabhida Stadium ngoMsombuluko.
UNdlovu uthe uyazi ukuthi kule sizini ezoqala ka-2018/2019 uzoba nengcindezi enkulu yokuthi aqhubeke lapho egcine khona ngesizini edlule.
“Kuyangikhathaza ukwazi ukuthi ngizoba nengcindezi ngesizini ezoqala ngoba ngishaye into ecokeme ngesizini edlule. Abantu balindele ukuthi ngiqhubeke lapho ngigcine khona futhi ngizozama ukwenza njalo. Kodwa okungikhathaza kakhulu wukuthi abadlali bamanye amaqembu sebeyangazi, bangidlalisa kabi. Manje bayangikhahlela kakhulu okugcina kwenze ukuthi ngilimale. Nokho ngiwehlisile umoya ngabekezela ngesizini edlule, nengicabanga ukuthi kungisize kakhulu,” kusho uNdlovu.
Akakufihlanga ukuthi eminyakeni ezayo angakujabulela ukugijima kwelinye lamaqembu amakhulu eNingizimu Afrika.
UNdlovu unenkontileka ezophela ngo-2022 neTeam of Choice. Eminye imibiko ibithi uNdlovu ufuna ukuyodlala phesheya kwezilwandle.
Ebuzwa ngalokhu, uthe: “Kuyiphupho labo bonke abadlali ukuyodlala phesheya kwezilwandle. Kodwa cha okwamanje angikakulungeli ukuyodlala phesheya, mhlawumbe eminyakeni ezayo ngizobe sengikulungele”.