UBHOBOKE okokuqala umngani kaSenzo Meyiwa owayekhona ebulawa ngo-2014 wathi unethemba lokuthi kukhulu okuzovela ngokufa kwalo nozinti.
UMnuz Mthokozisi Thwala ufuna kwenzeke ubulungiswa kwazise seluphinde lwaqala phansi uphenyo ngokufa kukaMeyiwa.
UMeyiwa owayevimbela i-Orlando Pirates neBafana Bafana wadutshulwa wafa eVosloorus eGoli ekubo kaKelly Khumalo abanomntwana naye.
UThwala ukwabayisithupha okuthiwa babesendlini ngesikhathi kubulawa uMeyiwa. Ubekhuluma nabezindaba ngempelasonto eKing Zwelithini Stadium, eMlaza lapho bekunemidlalo yesikhumbuzo sikaMeyiwa. Inhloso yayo bekuwuqoqa imali yeSenzo Meyiwa Foundation njengoba kunesifiso sokuthi afakelwe itshe ethuneni lakhe.
“Ningalindela okukhulu okuzovela. Ilokho nje engingakusho okwamanje njengoba kunophenyo,” kusho uThwala obengakaze athi vu ngokufa kukaMeyiwa.
Uveze ukuthi ziningi izitatimende asazenza emaphoyiseni kusukela kwenzeka isigameko.
UNGQONGQOSHE wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele ebingelela uyise kaSenzo Meyiwa uMnuz Sam Meyiwa ngesikhathi kunemidlalo yokukhumbula lo nozinti ezinkundleni zemidlalo iKing Zwelithini eMlaza ngempelasonto
Uthe ugcine ukukhuluma namaphoyisa ngecala ngesonto eledlule.
“Kungiphatha kabi ukuthi kuze kube yimanje alikaqedwa leli cala kodwa lokho kusemaphoyiseni, uphenyo luyaqhubeka. Engingakusho ukuthi ngiyathembela nakuyena (uNgqongqoshe wamaPhoyisa) uMnuz Bheki Cele ukuthi uzolixazulula icala kodwa angikwazi ukukhuluma kakhulu ngoba kusanophenyo oluqhubekayo. Nami njengomngani nomuntu owayekhona kunzima kimina nasemndenini ukuthi kuze kube manje akukaqedwa ngecala,” kuqhuba uThwala.
Uthe asipheli engqondweni yakhe isithombe sesehlakalo sokubulawa kwalo nozinti. Uveze ukuthi naye kuyamudla ukungakwazi ukukhuluma akhululeke ngokwenzeka.
“Yebo yicala elibucayi kodwa ekugcineni sonke kumele sazi ukuthi kwenzekani. Ngakho ngeke ngithi ngiyayisabela impilo yami. Mina ngifuna kwenzeke ubulungiswa ngomngani wami nanjengomuntu owayekhona,” kusho uThwala.
UCele obeyisimenywa kulo mcimbi kaMeyiwa uthe awumjabulisanga umbiko wethimba ebelijutshwe ukuthi liphenye icala yingakho esefake abantu abasha.
“Esizama ukukugwema ukuthi kube nengcindezi ezodala singawenzi ngendlela umsebenzi ngoba kufanele mhlazane simemezela ukuthi sidle umhlanganiso kube wukuthi sidle umhlanganiso ngempela. Likhona ithimba ebelikhona elinginike umbiko engathi uma ngiwubheka kwangaba ongijabulisayo. Yingakho sesiqhuba uphenyo sifaka nabasha esithemba ukuthi leli lizokwazi ukusiqhuba siye phambili,” kusho uCele.
Unxuse umphakathi ukuthi ungabajahi ngesikhathi.
“(Ithimba) Ngilinikeze ukuthi lilixazulule icala, angilinikezi isikhathi. Asifuni ukuthi kube nengcindezi bese sixhamazela. Siyacela nasesizweni ukuthi basinikeze isikhathi ngoba into esifuna ukuyizuza wukuthola impendulo yangempela. Uma kungathatha isikhathi esifushane singajabula kakhulu noma kungathatha isikhathi kodwa bese sithola impendulo eyiyo singajahi kakhulu,” kusho uCele.
Uthe uyayazi imizwa yesizwe ngoSenzo wathi banengcindezi abayithola nasezikhungweni zemfundo ephakeme.
“Intsha kulezi zikhungo ibuza ibuzile ukuthi kuqhubekani ngecala likaSenzo. Indaba kaSenzo ingelinye lamacala aphambili ezinhlelweni zamaphoyisa. Siwabiza ngesiNgisi ngokuthi amaCold Cases. Lawo-ke akwiTop 5,” kusho uCele.
Uyise kaSenzo, uMnuz Sam Meyiwa uthe: “Usuku lwanamuhla luyayithoba inhliziyo. Ngiyathemba kuningi okuhle osekuzovela. Ngiyathemba ukukhombisa kwabantu ukuthi abamkhohliwe uSenzo kuzonyakazisa nabo bonke laba bantu abathembisa izinto abangazigcinanga. Abanye babekhuluma ngama-gun law, wukwakha nesichuse zokumkhumbula kanti nezimali zakhe aziphumi.”