USELE nesilonda esingeke siphinde silapheke umndeni womhlengikazi (42) waseRichmond Crest, eMgungundlovu ozibonele umyeni wendodakazi eyidubula, emahoreni ambalwa naye wazidubula.
UNkk Ntombizodwa “Zo” Dlamini udutshulwe wumyeni phambi kwabazali bakhe asebekhulile, umfowabo, umakoti wakubo nengane eneminyaka engaphansi kwemithathu ngeSonto emini. Umufi ubekubo ngesikhathi kugasela umyeni wakhe, uMnuz Sipho Dlamini, obengujele wamdubula ephaseji, maqede wabaleka.
Khona ngeSonto emuva kwamahora ambalwa, utholwe emotweni yakhe epake eceleni komgwaqo umyeni. Amaphoyisa kuthiwa amncenge cishe amahora amabili ukuba alethe isibhamu. Kuthiwa ubekhala ngokuthi ngeke akwazi ukubekezelela ukuphila ngaphandle kwenkosikazi yakhe njengoba eyilungu eliqavile ebandleni futhi uma eboshwa ezobhekana neziboshwa abezigada.
Umsolwa kuthiwa ubesezidubula kanye esilevini, washona khona lapho. Uyise kaNkk Dlamini, uMnuz Ndoda Ntuli (72) uthe isilonda esisele njengoba indodakazi yakhe ibulewe phambi kwakhe nomndeni wakhe, ngeke siphinde siphole kwazise nombulali ngeke asajeza ngesenzo sakhe.
“Isilonda ngeke siphinde siphele kithina njengoba sizibonele indodakazi yethu ibulawa. Kuke kube buhlungu uma kuthiwa phuthuma endaweni yesigameko, ufice umuntu eseshonile, usubona umzimba umboziwe. Thina esibonile emdubula, sambona elele phansi, sambona eseshona. Ngaphezu kwalokho nomuntu owenze lokhu wakhetha ukuzibulala. Lesi silonda singaphela kanjani nje? Sibone lukhulu,” kusho uNtuli.
UMNUZ Lot Ndoda Ntuli, uyise kamufi uNkk Ntombizodwa Charlotte Dlamini (42), esemzini wakhe lapho indodakazi idutshulwe wumyeni wayo eMgungundlovu Isithombe: Motshwari Mofokeng/ANA
Unkosikazi wakhe uNkk Bongiwe Ntuli (70) kuthiwa kusukela kubulawe indodakazi kunzima nokuba akhulume, nezinyembezi zilokhu zigobhoza.
Ngesikhathi Isolezwe lihambele ikhaya okwenzeke kulo isehlo izolo, abazalwane, izihlobo nabangani bebelokhu befika bezokhuleka.
Uyise kaNkk Dlamini uthe indodakazi yakhe ibisiphenduke ukudla kwenduku, ishaywa wumyeni wayo.
UNtuli uthe ufike kwakhe ephethe izidlo zeMothers’ Day kanti uzozithela phezu kwendodakazi yakhe ishayiwe.
“Ubeshayiwe engakwazi nokuhamba. Ngithole ukuthi umkhwenyane ubejwayele ukumshaya. Yize engazange asibeke isizathu sokushaywa kwakhe kodwa ukuvezile ukuthi into aseyijwayele,” kusho uNtuli.
Uthe indodakazi yakhe kade iphuma kudokotela, njengoba ingabange isaya emzini wayo eWestgate, yakhetha ukuya ekhaya. Umyeni wayo kuthiwa uye esibhedlela e-Edendale eyoyilanda kanti ayisekho.
“Ungene nezicabha ethi ufuna indodakazi, ukuze bezoya emzini wabo. Ngimtshelile ukuthi ngifuna ukwazi ukuthi ngabe uhlala ngokumshaya yini. Uvele wavuma wathi vele uyamshaya, wunkosikazi wakhe phela. Ube esezingenela endlini eya ekameleni lapho besimcashise khona uZo, ufike wakhahlela isicabha. Wasidubula. Wakwazi ukuvula, wamdubula, uwele ephaseji, washona,” kusho uNtuli.
Uthe ubeseshaye phansi ngonyawo ukuthi indodakazi yakhe ngeke isaphindela emzini wayo emuva kokuthola ukuthi ibihlala ngokuhlukumezeka.
“Angikufiseli omunye umzali engikubonile. Engingakusho nje wukuthi uma ubona ukuthi uhlukumezekile othandweni lwakho noshade naye kumele usheshe ushiye phansi, ungahlali ucabange ukuthi kuzoba ngcono. Akumele ufihlele abazali nabasondele nawe ngokuhlukumezeka kwakho,” kusho uNtuli. Abashonile bese beneminyaka engu-12 beshadile. Bashiye izingane zabo zabafana ezineminyaka engu-12 nengu-10. Umuzi abebehlala kuwo bawuthengelwa uNtuli.
Ngokusho kukaNtuli ikhona incwadi ekuthiwa umyeni wakhwakhe uyibhalile ngaphambi kokuzibulala, ekhala ngokuthi indodakazi yakhe ibingasathembekile.
“Okungiphatha kabi nokwenza ngibone ukuthi uqamba amanga yingoba kade efika ekhaya akazange akuphathe ukuthi uyamsola ngokuqoma noma ukungathembeki. Ubengumuntu ozolanda unkosikazi wakhe nje emuva kokumshaya. Kungani engazange alukhulume nomndeni udaba uma ubesola indodakazi ngokuthile,” kusho uNtuli.
Isolezwe lithole ukuthi umyeni walo wesifazane ubekhala ngokuthi ziningi izimoto ahamba ngazo, ezimshiya esangweni lakwakhe, okuvele ukuthi ubesebenzisa ama-meter taxi kwazise lo wesifazane ubengenayo imoto.
Umyeni wakhe kuvele ukuthi wuyena obemnqabela ukuba abe nemoto ngoba ethi uzozenza indoda.
Umdeni walo mhlengikazi umchaze njengomuntu obenomoya ophansi, obengathandi ukukhuluma izinto zomuzi wakhe. Kuthiwa ubewuthanda nomsebenzi wakhe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCol Thembeka Mbhele uthe kuvulwe icala lokubulala nedokodo ngokushona komuntu. Uphenyo lwamaphoyisa lusaqhubeka.
UNgqongqoshe wezeMpilo eKZN uDkt Sibongiseni Dhlomo usigxekile lesi sigameko wathi ukuhlukumezwa kwabesifazane kumele kuliwe nakho.
Uthe ngaphandle kokuthi balahlekelwe umsebenzi, njengoba kusukela ngo-2006 engumhlengikazi umufi, izingane zakhe zilahlekelwe unina.
“Lesi kube yisenzo sobulwane. Kubuhlungu ukulahlekelwa umsebenzi obezimisele ezikhandla, angisayiphathi ke eyomndeni wakhe. Sizovakashela umndeni maduze,” kusho uDhlomo.