AMAPHOYISA anxuse umphakathi ukuthi wehlise amaphaphu ngemibiko yokutholakala kwamabhomu athi awayona ingozi kangako.
Lokhu kushiwo uBrigadier Vishnu Naidoo okhulumela amaphoyisa kuzwelonke, emuva kokuthi kuphinde kwatholakala ukuthi ibhomu izolo ekuseni enxanxatheleni yezitolo ePavilion, eThekwini. Kusuke isidumo izolo, kwadingeka kuvalwe ingxenye yezitolo kule ndawo. Abanye bebekhala ezinkundleni zokuxhumana bethi abasakwazi nokunyakaza ngenxa yokuthi izimoto zabo bezivaleleke ezindaweni zokupaka.
UNaidoo ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphuthume ePavilion ngezithuba zabo-11 emuva kokuthola umyalezo ngebhomu.
“Sithole umbiko ngomunye wezimenenja zezitolo ePavilion. Amaphoyisa kudingeke ukuthi avale indawo obekusolwa ukuthi inebhomu ukuze kuseshwe. Kutholakale iphasela nje obekungelona ibhomu,” echaza.
Uthe ukuvala indawo bekufanele ngoba kuwumgomo uma kusolwa ukuthi kunebhomu. Mayelana nemibiko yokutholakala kwamabhomu ngempelasonto, uNaidoo uthe asikho isidingo sokuthuka.
“Kukho konke lokhu akukho okumele kutatazelise abantu ngoba okutholakele akuyona ingozi. Amabhomu atholakele awanawo amandla okubhubhisa. Siqoqe bonke ubufakazi futhi sisaphenya ukuthi ngabe zivelaphi nokuthi zitshalelwani,” kusho uNaidoo.
NgoMsombuluko ntambama kuphinde kwatholwa elinye ibhomu ezitolo eWentworth, okubikwa ukuthi iqhunyiswe amaphoyisa ngendlela ephephile.
Ivideo yokuqhunyiswa kwaleli bhomu ibigcwele izinkundla zikuxhumana izolo kanti abakulendawo bazwakalise ukusabela izimpilo zabo.
IVidoe esabalele ezinkundleni zokuxhumana ethathwe eWentworth izolo amaphoyisa eqhumisa ibhomu
UNdunankulu wesifundazwe, uMnuz Willies Mchunu, ukuhlabile ukusabisa umphakathi ngamabhomu. Uthe lokhu kuthunaza isifundazwe futhi kuzokwenza abantu bangabe besakhululeka nokuvakashela izindawo zokungcebeleka. Uthembise ukuthi bazokwenza konke okusemandleni ukulwa nomkhuba.
“Sinxusa umphakathi ukuthi usidedele singuhulumeni ukuze sikwazi ukuphenya ngalezi zigameko. Udaba luseqhulwini kithina, sisebenzisana namaphoyisa nazo zonke izinhlaka,” kusho uMchunu.
UMengameli Cyril Ramaphosa usanda kuqoka ithimba longqongqoshe eliholwa ngowamaPhoyisa, uMnuz Bheki Cele, ukuqinisekisa ukuphepha kwezwe. Ngempealasonto uRamaphosa uvakashele eMosque eVerulam lapho kwatholakala khona isiqhumane ngoMeyi. NgoMgqibelo kutholakele isiqhumane eWoolworths, eGateway, eThekwini. Kubuye kwatholakala ezinye iziqhumane eMorningside nasemgwaqweni * -Avondale eduze kwalapho bekukhona umjaho weVodacom Durban July.
Ekhuluma nephephandaba i-The Mercury, uMnuz Kirsten Hewett, okhulumela iWoolworths, uthe zonke izitolo zabo seziyasebenza ngokujwayelekile. Uthe ngeke bakwazi ukukhipha eminye imininingwane yezokuphepha ngoba kusaphenywa ngokwenzekile.