UPHUTHUNYISWE esibhedlela isimo sakhe sisibi umsakazi woKhozi FM, uZimiphi “Zimdollar” Biyela, ngemuva kokuquleka ngoMsombuluko ekuseni ezindlini zomsakazo, eThekwini.
UZimiphi kuvela ukuthi utholwe ithimba lasekuseni labezindaba ebelizongena ewile.
Ngalolu suku ubeshayela uhlelo oluthi “Lwasa Olungaliyo” olungena ngo-2 luphele ngo-4 ekuseni.
Umthombo weSolezwe uveze ukuthi kube muncu kwabebekhona njengoba uZimdollar ubenganyakazi, kunzima ngisho ukuvula amehlo ngesikhathi bemfica.
“Uhlelo lwezindaba lwasekuseni luze lwangena sekudlule isikhathi nje yingoba bekusizwa yena. Uhlelo olushayelwa uSya Mhlongo nalolu olukaMandla Mdletshe ziyaqoshwa ngakho kusuke kungekho muntu e-studio ngaleso sikhathi. Yena uphuma ngo-4, ngakho akwaziwa ukuthi uquleke nini njengoba uBusi nabanye ozakwethu bemfice eselele phansi,” kusho umthombo.
Uthe ngendlela akade eyiyona ubesephuma ngisho amagwebu emlonyeni okuyinto ethuse abaningi.
“Ngeke ngiqambe amanga kube umzuzu onzima njengoba kuzanywe konke wathelwa ngamanzi kodwa lutho ukuvuka. UZandile Tembe naye ufikile kusenjalo kwagcina ngokuthi kubizwe i-ambulance nakhona abayo okuthe bemsiza wawavula kancane amehlo waphinde wabuyela kulesi simo akade ekuso,” kuqhuba umthombo.
Omunye umthombo uthe umangele uzwa lezi zindaba njengoba le ntokazi ihambele izindawo ezihlukene iziphilela ingakhombisi kuphatheka.
“Ngabe amanga uma kungathiwa ufike egula, ubephila kodwa inkinga iqale esekhona emsebenzini. Omunye uthe lena indaba ekhulunyelwa phansi kodwa uZimdollar uphuthunyiswe esibhedlela esizimele ngemuva kokuxineka.
“Nami ngizwile ukuthi uvele wagula esemsebenzini kodwa angazi kahle ukuthi kwenzakaleni,” kuchaza umthombo.
Okhulumela iSABC uNeo Momodu uthe beyiSABC bayasihlonipha isivumelwano abanaso nabasebenzi babo.
“Kuba khona izimfihlo phakathi kwethu. Ngakho ke angeke sakwazi ukuxoxa ngezindaba ezithinta umuntu esisuke sinobudlelwane bomsebenzi naye,’’ kusho uNeo.
Ayiphumelanga imizamo yokuzwa ukuphawula kukaZimdollar, ucingo lwakhe belukhala lungabanjwa nomyalezo akawuphendulanga.