KUKHONJWA abasakazi ababili abanesibongo esifanayo nesikhulu esithize soKhozi FM ngokwesula emsebenzini kukaNonhlanhla ‘Mdonso’ Ngcobo ngoLwesithathu ekuseni.
Ngokusho komthombo ongaphakathi kulo msakazo, abasakazi nalesi sikhulu (esiwagodlile amagama abo ebebefaka ingcindezi yokuthi uMdonso athathe isinqumo sokuhosha imfe kulesi siteshi esihamba phambili eNingizimu Afrika nase-Afrika jikelele.
UMdonso, obesakaza noZimiphi ‘Zimdollar’ Biyela uSigiya Ngengoma futhi bezibiza ngeZimdonso, uthe ushiye oKhozini ngenxa yengcindezi nokusatshiswa obese kuqhubeke isikhathi eside selokhu aqashwa kulo msakazo.
Uqhuba umthombo uthe abasakazi basekhempini eyodwa nalesi sikhulu futhi bebesabisa uMdonso ukuze kubuyele omunye wabo kuSigiyaNgengoma.
“Akungasolwa nje abalandeli nabaculi bakamaskandi, yilaba basakazi ebebengamfuni uMdonso ngoba befuna kuqashwe bona ohlelweni. Le nto ayiqali manje, baningi abasakazi asebeke bahlangabezana nenkinga yokusatshiswa kodwa bona babekezela. Indaba isuka emakhempini angaphakathi emsakazweni. Nawe njengoba wazi ukuthi uma kulwa izindlovu, wutshani obuqothukayo. Ngakho noMdonso uphenduke utshani.”
FUNDA: Ukhale ngokusatshiswa osule oKhozini
Ebuzwa uMdonso ngala mahlebezi, ucele ukungabe esaphawula lutho. Nomunye umthombo ongaphakathi uthe uMdonso ubeyisisulu sokungazwani kwabaphathi besiteshi.
“Uzokhumbula ukuthi kunesikhulu esathatha isinqumo sokuthi kuyosakazwa umcimbi kaMroza Fakude kwaHlabisa kodwa kwanesinye esishaya phansi ngonyawo ekubeni kwase kumenyezelwe emsakazweni ukuthi uKhozi luzobe lusakaza bukhoma.”
Omunye umthombo uthe yize kunabasakazi abaxoshisa abanye kodwa kunezikhulu zomsakazo ezishaya phansi ngonyawo.
“Zithi ngeke labo basakazi abasolwayo baze babuyele kuSigiya Ngengoma, kunalokho kungasakaza uZimdollar yedwa. Abavele bakhohlwe ngoba izikhulu lezo azihambisani nokubuyiswa kwabo. Umthombo uphinde wadalulalu ukuthi kungase kube nezingxoxo phakathi kwabaphathi noMdonso njengoba kunabanye abacabanga noma abakholwa wukuthi lo msakazi uthathe ngamawala, mhlawumbe yisimo esingalungiseka lesi,” kuphetha umthombo wesithathu.
Imizamo yokuthola umphathisiteshi uSbongi Ngcobo ukuba aphawule ayiphumelelanga ngenxa yokuthi ucingo lwakhe beluvaliwe futhi akawuphendulanga umyalezo athunyelelwe wona nge-SMS.
Okhulumela iSABC uNksz Neo Momudu wenqabile ukuphawula ngoba ethi usalinde incwadi ezikhulwini zoKhozi FM.