BAPHUME bashaya amavosho ngaphandle kwenkantolo abaculi beGqom’ uBabes Wodumo noTipcee kulandela ukuvela enkantolo yemantshi eThekwini ngoLwesithathu ekuseni.
UBabes (Bongekile Simelane) udadewabo uNondumiso Simelane noTipcee (Thobeka Ndaba) baphume kuvela elomhlathi kulandela isinqumo semantshi sokuphasisa isicelo somshushisi ukuthi udaba lunikezwe isikhathi sokuthi lubhungwe ngaphandle kwenkantolo.
Iphinde yaveza nokuthi esinye isizathu sokucela ukuthi lihlehliswe icala ngukuthi kube nokudideka ngokuthi abasolwa bebelindeleke ukuthi babuye nini enkantolo phakathi kukaLwesithathu noLwesine, wacela ukuthi icala liqhubeke ngoMeyi 30.
IMantshi uJackie Jonk ayinanazanga yasiphasisa lesi sicelo. Ibe isikhumbuza uBabes Wodumo noNondumiso ukuthi basangaphandle ngebheyili kuze kushaye usuku abazovela ngalo enkantolo futhi.
Laba basolwa ngokutitinya uNelisiwe Zondi ngoMashi nonyaka eGlenwood. Ngokwemibiko babemsola ngokufaka amavideo abo bendawonye ezinkundleni zokuxhumana ngesikhathi uBabes Wodumo esanda kuvulela uMampintsha icala lokushaya.
UBABES Wodumo noTipcee bahluleke ukuzibamba bashaya amavosho negwaragwara bephuma enkantolo yeMantshi eThekwini ngoLwesithathu. Video: Mcebo Mpungose
Bephuma enkanto uBabes Wodumo noTipcee bavele bafa yinjabulo bashaya amavosho kulandela isinqumo seMantshi. Umthombo osondelene noBabes Wodumo uthe ummeli wabo uzoxoxa nokaNelisiwe bazame ukuthola ukuthi lolu daba lungaxazululwa kanjani ngaphandle kwenkantolo.
Isolezwe lizamile ukukhuluma noNelisiwe ofike ephelezelwa onogada nomndeni wakhe enkantolo, kodwa wenqaba ukuthi aphawule.
Omunye wabebemphelezela uzwakale enengekile ngokuthi umshushisi akabange esaxhumana nabo ukubazisa ukuthi kuzokwenzekani kusukela kwisinqumo sanamhlanje.
Ngesikhathi evela enkantolo uBabes, uMampintsha naye ubevela enkantolo yemantshi ePinetown ngecala lokumshaya.